EzintshaMamelodi Sundowns

Noma ingasheshe ibuye iSundowns, ‘ibagilile’ oSdumangabanye

Leli qembu laseChloorkop lihambe buthule kuleli, lingekho isasasa elingako. 

Ukuthula kweziphathimandla zezemidlalo, zingayifiseli ngisho inhlanhla – ngingasayiphathi eyokuthi iphelezelwe ngokusemthethweni – yinto engachazeki. 

Phela ukuyovela kweMamelodi Sundowns – ngithi ukuyovela ngabomu ngoba vele bekubhekwe lokho – yinto enkulu ebholeni nakwezemidlalo eNingizimu Afrika.

Kodwa okuhlale obala ukuthi iziphathimandla, okubalwa kuzo nongqongqoshe zivele zayishaya indiva nje. 

Engikwaziyo kodwa wukuthi uma iMamelodi Sundowns ike yaphumelela ukudlulela esigabeni somkhumulajezi futhi mhlawumbe yafika kweyandulela owamanqamu, uzozwa. 

Nesinedolo sizobe sesisukuma, sesimemeza sengathi kudala saqala ukufisela leli qembu okuhle kulo mqhudelwano. 

Angifuni ke ukungena kweyokuthi ukube elilodwa lamaqembu aseSoweto eliye kulo mqhudelwano ngabe ungakanani umsindo. 

Ngingakubeka nje ngingahlonizi ukuthi ngabe sekukhona imikhankaso ekhona yokubakhombisa ukubeseka njengokuthi kugqokwe ijezi labo ngosuku abadlala ngalo. 

Mhlawumbe nami akumele ngizikhiphe kulabo abayithathele phansi eyokuyodlala kweSundowns kulo mqhudelwano. 

Esingakubonanga – ngenxa mhlawumbe yokuthi ibhola sisalibuka ngeso lokuthanda iqembu elithile noma elithile – wukubaluleka kwalo mqhudelwano. 

Ukwenza kahle kweMamelodi Sundowns akuphakamisi nje igama layo kuphela ebholeni lomhlaba, kodwa nebhola lakuleli lilonke.

Kuzokwenza amaqembu aphesheya aphinde ake athumele izinhloli kwiligi yakuleli ukuzohlonza abadlali.

Lokhu kuzokwenza ukuthi sikhule isibalo sabadlali bakuleli abangase balandwe amaqembu aphesheya, ekugcineni kusizakale iBafana Bafana.

Uma ubheka ukuthi likhule kanjani isasasa lamazwe angaphandle ngebhola laseNingizimu Afrika ngemuva kwe-Afcon yanyakenye, uzobona ukuthi iSundowns yenza umsebenzi omkhulu kangakanani. 

Engikuthandile nje mina ngeSundowns wukuthi ibagilile oS’dumangabanye abebebheke ukuthi ihlazeke, bese besizakala. 

Ukuthi kwenzakalani emdlalweni wayo wokugcina neFluminense ngoLwesithathu akusenani – ilibekile elakithi ebalazweni lebhola lomhlaba.