
UMbuthuma ‘ukhulule’ u-Ouaddou ngamagoli
U-Yanela Mbuthuma ekugcineni wehlise umthwalo emahlombe akhe nawomqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou.
Lokhu ukwenze ngesikhathi eshaya amagoli amabili emdlalweni weBetway Premiership la i-Orlando Pirates ishaye khona iKruger United ngo 4-0 ngoLwesibili.
Ukushaya kwakhe lamagoli amabili kwenze umqeqeshi u-Ouaddou wajabula kakhulu.
Phela lo mqeqeshi ubelokhu emethemba lo mgadli osemncane ukuthi uzolithwala iqembu.
Lokhu kwenzeke yize uMbuthuma egxekwe kakhulu ekuqaleni kwesizini ngenxa yokungasebenzisi amathuba abewathola.
Kodwa manje lo mgadli useqala ukukhombisa ukuthi kungani lo mqeqeshi emethemba kangaka.
Emdlalweni weMTN8 ngesonto eledlule, uMbuthuma wakhe amagoli amabili ngesikhathi iPirates ishaya iSekhukhune United ngo 3-0.
NgoLwesibili, eMbombela Stadium, ungene esuka ebhentshini sekusele cishe imizuzu engu-15.
Ube eseqhulula amagoli amabili, aqinisekise ukuthi iPirates iyaqhubeka nokuqhwakela kwilogi la seyivule khona igebe lamaphuzu amathathu.
UGamphani Lungu uvule amagoli ngephenathi, ngaphambi kokuthi uBoitumelo Radiopane engeze elesibili esiwombeni sesibili.
Ube esekhishwa, kwangena u-Yanela Mbuthuma ofike waqedela umsebenzi ngamagoli amabili.
Ekhuluma ngemuva komdlalo, u-Ouaddou uveze injabulo yakhe ngokubona abagadli bakhe bethola amagoli.
“Bekunemidlalo lapho sakhe khona amathuba amaningi kodwa sahluleka ukushaya amagoli,” kusho u-Ouaddou.
“Kodwa namuhla bekungumdlalo lapho singawakhanga khona amathuba amaningi, kodwa sisebenzise kahle esiwatholile.
“Ngiyajabula ngalaba bafana (oRadiopane noMbuthuma) ngoba lokhu kuzobanika ukuzethemba.
“Ngijabule kakhulu ngamagoli abo,” kusho lo mqeqeshi.
U-Abdeslam Ouaddou uzothemba ukuthi u-Yanela Mbuthuma noRadiopane bazoqhubeka nalo mgqigqo wabo wokubhakuzisa inethi.
- FUNDA NALA | Ingwazi ishaya amakhala ngokulimala kwabeChiefs
IPirates izovakashela ompetha baseMauritius, iLa Cure Waves, kule mpelasonto iyoqala umkhankaso wayo weCaf Champions League.
Lo mdlalo uzoba ngumlenze wokuqala emzuliswaneni wokuqala kweyokuhlungela lo mqhudelwano omkhulu ebholeni lamakilabhu e-Afrika.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
