
Ufunwa ngapha nangapha olaxazwe yiKaizer Chiefs
Obengumgadli weKaizer Chiefs, uRanga Chivaviro, usecubungula umnyakazo wakhe olandelayo ngemuva kokuheha amakilabhu amathathu e-Afrika naseMiddle East.
Lo mgadli oneminyaka engu-32 ubudala usanda kuhlukana neKaizer Chiefs kulandela ukuphela kwenkontileka yakhe.
Lokhu kuqede isikhathi esingabanga yimpumelelo ngendlela ebilindelwe njengoba eshaye idlanzana lamagoli emidlalweni elinganiselwe ayidlalile.
Kepha kumasizini amathathu edlule, okuhlanganisa nesikhathi sakhe kwiMarumo Gallants, uChivaviro ushaye amagoli angu-26 emidlalweni engu-75 .
Yikho lokhu okukholakala ukuthi kugcine igama lakhe lisematheni emaqenjini ehlukene.
Ngokubika kwe-iDiski Times, imithombo ikuqinisekisile ukuthi amaqembu aseke avela kubaphathi bakaChivaviro yi:
- Siwele FC, iqembu elisha elisungulwe ngemuva kokuthenga iSuperSport United
- Zakho SC edlala kwi-Iraqi Premier League, e-IraqÂ
- Iziqhwaga zaseTanzania i-Azam FC.
i-Azam ivuselele intshisekelo eke yaba nayo phambili ngalo mgadli njengoba yayimfuna ngaphambi kokuthi aqoke ukuya eNaturena.
Njengoba seyinomqeqeshi omusha, uFlorent Ibenge, le kilabhu yakha kabusha isikwato sayo ibona uChivaviro njengomdlali ongayisiza.
ENingizimu Afrika, iSiwele ifuna ukuqinisa ngalo mgadli ngemuva kokuhlukana nabayo ababili.
UBradley Grobler ushiyile wajoyina iSekhukhune United, kwathi uTerrence Dzvukamanja yena wabuyela kwelakubo eZimbabwe la esesayine khona kwiScottland FC.
UChivaviro kuthiwa akajahile ukuthatha isinqumo, ulinde ukubona iqembu elizohambelana kahle naye, akwazi ukuthola isikhathi sokudlala ukuze abuyise umgqigqo wakhe.
Ngamanye amazwi ufuna iqembu la ijezi lingeke liphenduke abakhwekazi kuye njengoba kumenzile kwiKaizer Chiefs.
