Betway PremEzintshaMamelodi Sundowns

OweMilford ukhale ngokubanjwa ngophondo eshaywa yiSundowns

Umqeqeshi we-Milford FC uXhanti Pupuma usale ephoxekile ngemuva kokuhlulwa yiMamelodi Sundowns ngo-2-0 ngoLwesithathu ebusuku – kodwa akukhona ukuhlulwa okumkhube umoya.

UPupuma ukhale ngokuthathwa kwezinqumo ngunompempe ngesikhathi bebhekene namaBrazilians, amsole ngokwenzelela.

Uthe ezinye izinqumo zibonakale sengathi zithathwa ngendlela ehlukile uma kuhlawuliswa ezakhe, bese kuzitshwa uma kumele zidle ngakwiSundowns.

ISundowns ivule amagoli ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala ngomnyakazo osuse impikiswano.

U-Aubrey Modiba ubonakale ephusha umdlali weMilford ngaphambi kokuwina ibhola.

Ube eselidlulisela ku-Iqraam Rayners, oshaye igoli lokuqala.

Igoli lesibili lishaywe ngu-Anthonio Van Wyk ngesiwombe sesibili.

Lo mqeqeshi we-Milford uvumile ukuthi abadlali bakhe bahuqe ubuthongo ngesikhathi uVan Wyk eshaya elesibili leMamelodi Sundowns.

“Uma ngikhuluma iqiniso, kungokokuqala ngiphuma emdlalweni nginokunambitheka okubi emlonyeni. 

“Mhlawumbe kungenxa yalamaCoke engiwuphuzile,” kusho uPupuma. 

“Kodwa ngempela, ngicabanga ukuthi eminye imithetho isetshenziswa kithina kuphela.

“Lokho akulungile. Kodwa ekugcineni bekumele bawine lo mdlalo.

“Bona bawashayile amagoli. Egolini lesibili, abadlali bami bavele balala.

“Sekukonke, indlela abadlali abadlale ngayo ibiyinhle, ikakhulukazi esiwombeni sokuqala.”

UPupuma ubuye wakhuluma ngesinye isigameko esenzeke ngesiwombe sesibili.

Uthe unompempe uke wakhipha ikhadi elibomvu ngesikhathi kudlaliswe kabi umdlali we-MIlford maphakathi nenkundla.

Nokho, uthi unompempe uvele walibuyisela esikhwameni futhi akazange esakhipha neliphuzi uma esebonile ukuthi ngoweMamelodi Sundowns okumele amkhombe ezihlweleni.

“Impela lokho kuyangicasula,” kusho lo mqeqeshi obuye abe ngudokotela.

“Sike saba kuleso simo phambilini, futhi le mithetho isetshenziswa kithina.

“Kodwa uma kungomunye umuntu, ayisetshenziswa ngendlela efanayo.

“Ngisho nangesiwombe sesibili, kube nokushayisana maphakathi nenkundla.

“Unompempe wakhipha ikhadi elibomvu, kodwa walibuyisela emuva futhi akazange anikeze ngisho eliphuzi uma esebona ukuthi kumele liye kubani.

“Zonke lezi zinto ziyasiphazamisa. Zimosha umdlalo omuhle ngoba besize ukuzofaka ingcindezi futhi sizidlalele ngendlela yethu.

“Kodwa ngeke sizibukele phansi. Sizozithuntutha bese sibhekana neChippa United ngempelasonto sibone ukuthi kuzokwenzekani.”