
UTruter uveza ukungabaza anakho ngohalelwa ezaseSoweto
Owayengumqeqeshi weRichards Bay, uBrandon Truter useveze ukungabaza kwakhe ukuthi umgadli osemncane waleli qembu angaphumelela yini ezinkunzini zaseSoweto, i-Orlando Pirates noma iKaizer Chiefs.
UYanela Mbuthuma, oneminyaka engu-23 ubudala kubikwa ukuthi usehehe iPirates neChiefs njengoba bebheke ukwengeza ngaye kubagadli ngesizini ezayo.
IPirates kubikwa ukuthi ibifuna ukumsayinisa ngoJanuwari kodwa lokho kugcine kungenzekanga kanti uqhubekile kwiNatal Rich Boyz.
Manje sekubikwa ukuthi iChiefs nayo isiwujoyinile umbango walo mgadli osemncane okhombisa ukuba nekhono elihle.
UMbuthuma useshaye amagoli amane emidlalweni engu-18 yeligi kwiRichards Bay kule sizini kanti uBrandon Truter useveze imicabango yakhe ngaye.
“Ngimazi kahle kakhulu. Ungumdlali ebengimphonsela inselelo kakhulu ejimini,” kusho uTruter ekhuluma neSNL24.com.
“Unezimfanelo eziningi ezingamenza umgadli ophambili. Endaweni efanele, angachuma kakhulu.”
UBrandon Truter nokho ube nokungabaza uma uukuthi ngabe uMbuthuma usenze okwanele yini ukuthi usengathuthela kulamaqembu amakhulu futhi anengcindezi enkulu.
“Ungumdlali ongenazo izibalo zamagoli ukweseka ikhono lakhe,” kwengeza uTruter.
“Uma ungumgadli wehlulelwa ngamagoli, yilokho okubalulekile.
“Kubadlali abasebancane kumayelana nokwenza okwengeziwe – nokufika ezingeni lapho ungafaniswa khona noLesley Manyathela, uCollins Mbesuma noma uPeter Shalulile.
“Labo ngabagadli, noma yini ofuna ukuyisho ngabo – okuhle noma okubi – banamagoli abangawabala.
“Futhi awukwazi ukuphikisana nalokho, bangabagadli boqobo,” kwengeza lo mqeqeshi osekwi-Upington City.
UTruter uthe nokho kuhlale kuncike ekutheni hlobo luni lomgadli iqembu elibheke ukumsayinisa.
“Kuya ngokuthi ufuna umgadli onjani ngaleso sikhathi futhi mina ngikubuka ngalelo liso.
“Kuyenzeka udinge umgadli osemncane ozomkhulisa aze afike ezingeni elifanele.
“Kodwa uma kungathiwa iqembu laphesheya kwezilwandle lizobheka uYanela njengamanje, bese libheka izibalo zakhe, ngeke lamthatha.”
