Ezintsha

Okushiwo uMaseko ethulwa yiFC Copenhagen

U-Thapelo Maseko, oyisihlabani seBafana Bafana, usethulwe ngokusemthethweni njengomdlali omusha we-FC Copenhagen yaseDenmark.

Lo mdlali wasesiswini ujoyina lezi zinkunzi zaseDenmark esuka kwiMamelodi Sundowns, lapho abenenkinga yokuthola isikhathi esanele sokudlala.

Ukufika kwakhe kwiCopenhagen kuvula elinye ikhasi emsebenzini wakhe njengoba esezama ukuzakhela igama eYurophu.

UMaseko uthe okwenze agcine ekhethe leli qembu amazwi amahle awatshelwa yinkakha yalo uSibusiso Zuma.

UZuma, owake wadlala kuleli qembu, umchazele ngobuhle beCopenhagen, abalandeli bayo nedolobha lakhona.

UMaseko uthe ukujoyina leli qembu kuwukufezeka kwelinye lamaphupho akhe.

“Ngiziqhenya kakhulu ngalesi sinyathelo. Kuwukufezeka kwephupho. 

“Kimina, iFC Copenhagen iyiqembu elikhethekile kakhulu,” kusho uMaseko.

“Leli yiqembu elaziwa kakhulu emhlabeni wonke. USibusiso Zuma ungitshele izinto eziningi ezinhle ngeqembu, abalandeli nedolobha. 

“Sengilangazelele ukuzibonela konke lokho.”

Njengoba u-Thapelo Maseko esesivalile isahluko esingesihle emsebenzini wakhe ngokujoyina i-FC Copenhagen, sekubhekwe ukuba akhombise ikhono enkundleni.

Uke wezwakalisa ukuthi usephelelwa wuthando lwebhola ngenxa yesimo abebhekene naso kwiSundowns ebingafuni ukumkhulula.