Bafana BafanaEzintsha

Ucike abalandeli uKatsande ahlaziya weBafana

IZimbabwe ihlulwe ngo 3-2 yiNingizimu Afrika emdlalweni wayo wokugcina kaGroup B we-Africa Cup of Nations eMorocco ngoMsombuluko ebusuku.

UWillaards Katsande ubengumhlaziyi kwiSABC Sport ngesikhathi salomdlalo. Ukujabula kwakhe kubacasulile abalandeli abaningi.

Abanye bakubeke kwacaca ukuthi ngokulandelayo kuzomele kutholakale abahlaziyi abangeke bahlekise ngathi uma kwenzeka kusibhimbela.

Ozakwabo abehlaziya nabo – okukhona kubo no-Itumeleng Khune owayenguzakwabo kwiChiefs – abazange bawenze lo mhlola wokujabula kubuka abalandeli. 

Ngaphambi komdlalo, uKatsande ubencome iNingizimu Afrika ngokusiza iZimbabwe ukuthi ikhule ebholeni lamazwe ngamazwe.