EzintshaKaizer Chiefs

UCavin Johmson uphawula ngesinsolo ezimbi ngeKaizer Chiefs

Obengumqeqeshi weKaizer Chiefs eminyakeni embalwa edlule, uCavin Johnson useqhamuke nombono wakhe ngesimo saleli qembu.

Ngasekuqaleni kwaleli sonto, omunye owayengumqeqeshi weChiefs uStuart Baxter udalule izinsolo ezishaqisayo ngabhekana nakho eNaturena.

UBaxter uthe ehlandleni lakhe lesibili eNaturena wayetshelwa ukuthi yibaphi abadlali okumele abathenge nokuthi uzodlalisa bani futhi alihlele kanjani iqembu lakhe. 

Kodwa ekhuluma neFARPost, uJohnson uziqhelelanisile nalezi zinsolo zikaBaxter.

Uphakamise ukuthi inkinga isezingeni labadlali akholwa wukuthi abekho ezingeni lokudlala kwiChiefs.

UJohnson uhole leli qembu emidlalweni engu-22 ngesizini ka-2023/24.

Uveze ukuthi yena uqobo akakaze azizwe ecindezelwa ubuholi mayelana nokuthi adlalise baphi abadlali.

“Isikhathi esifushane ngikwiKaizer Chiefs, bekungenjalo,” kuchaza uCavin Johnson.

“Angizange ngibhekane nalezi zinselelo ezinjalo. Akekho owayenginikeza imiyalelo enjalo.”

Esikhundleni sokukhomba inkinga ehhovisi, uJohnson uyikhomba enkundleni athi yila kushoda khona. 

Ukholwa ukuthi “isiko” lokuthi kusho ukuthini ukuba ngumdlali weChiefs selilahlekile. 

Uthe uyangabaza ukuthi izinga labadlali abakhona njengamanje lingaqhathaniseka yini nelezingwazi ezifana noDoctor Khumalo, John Moshoeu, noma uJabu Pule.

“Ngikholwa wukuthi okulahlekile yisiko lokuthi umdlali weKaizer Chiefs kufanele abe njani,” kwengeza uCavin Johnson. 

“Ngokubona kwami ngikholwa wukuthi inkinga yikhwalithi yabadlali. Ngicabanga ukuthi seyehle kakhulu.”

Ngesikhathi uBaxter ekhomba “intuthu” ehhovisi leKaizer Chiefs, uCavin Johnson ubona ukuntuleka kwethalente enkundleni kuyiyoba nkinga. 

Njengoba abalandeli besabisa ngokuduba imidlalo yeqembu, lokhu sekwengeze isinongo emdlalweni wangeSonto.

Amakhosi azosingatha iDurban City eFNB Stadium ngo-3.30 ntambama emdlalweni osekumele iwunqobe.