
UMokwena uveza okwenza aluleke uMbule ukuthi aye kwiPirates
Umqeqeshi wePyramids FC, u-Rulani Mokwena, ukholwa ukuthi u-Sipho Mbule wenza isinqumo esifanele ngokujoyina i-Orlando Pirates ngemuva kokushiya iMamelodi Sundowns.
UMbule wacela izeluleko kubaqeqeshi ayeke wasebenza nabo ngesikhathi ecabanga ngeqembu ayezoya kulo.
Phakathi kwalabo axhumana nabo kwakukhona uMokwena, owamtshela ukuthi iPirates ingaba yindawo efanele kuyena.
UMokwena uthi indlela uMbule adlala ngayo ihambisana kakhulu nalokho abalandeli bePirates abakuthandayo.
“Ngiyalwazi uhlobo lomdlali oluthandwa yiPirates nabalandeli bayo,” kusho uMokwena ngesikhathi ekhuluma neSouth African Football Journalists Association (Safja).
Lo mqeqeshi uthi uMbule unekhono lokujabulisa abalandeli ngokudlala kwakhe, okuyinto ayibona ibalulekile emlandweni wePirates.
“Abalandeli be-Orlando Pirates bakutshela ukuthi beza ukuzobuka oSteve Lekolea, oTeko Modise noSipho,” kusho yena.
U-Rulani Mokwena uthi lokhu yikho okwenza abone u-Sipho Mbule efanelekile ukuba kwiPirates, njengoba enekhono lokubamba ibhola ngendlela ejabulisa izihlwele.
UMbule, oneminyaka engu-28, wajoyina iPirates ngaphambi kwesizini lapho iqembu lithathe izindebe ezintathu.
Wadlala imidlalo engu-23, waba negalelo elibalulekile ikakhulukazi ekuqaleni kwesizini.
UMokwena ukholwa ukuthi leyo ngxenye yesizini yaba yisikhathi esibalulekile empumelelweni yePirates.
“Eminye yemidlalo uSipho ayidlala ekuqaleni kwesizini yayibaluleke kakhulu,” kuqhuba yena.
“Imiphumela yayibalulekile ukuze iPirates ingaphumi emjahweni wobuqhawe.”
UMokwena uphinde waveza ukuthi uMbule akazange amtshele ukuthi iKaizer Chiefs nayo yayimfuna ngesikhathi emcela iseluleko.
“Lokho ayengibuze kona ukuthi kufanele yini ajoyine i-Orlando Pirates nokuthi mina ngangicabangani,” kusho uMokwena.
- FUNDA NALA | Kuphinde kwalimala omunye obalulekile kwiChiefs
Ekugcineni uMbule wakhetha iPirates, wadlala indima ebalulekile ngaphambi kokushiya leli qembu waya kwiZakho SC yase-Iraq ngaphambi kwale sizini.
Ngokwakhe, u-Rulani Mokwena usamile ekutheni uma ebheka emuva, u-Sipho Mbule wenza isinqumo esifanele ngokuya kwiPirates.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
