
Sesiphumile isinqumo secala likaVelebayi noBaartman
Bese kuphele amasonto isimo sabadlali ababili abasebancane, u-Asanele Velebayi noLuke Baartman, singacaci ngenxa yempi yezomthetho.
Kolunye uhlangothi bekukhona iKaizer Chiefs, ebiphelelwa yisineke njengoba abadlali bayo abasha abayigugu bebehlezi bengenzi lutho, belinde ukuphothulwa kwecala.
Ngakolunye uhlangothi, kukhona iCape Town Spurs, idaza embi inkani le ithini laba badlali basengabayo, basenezinkontileka nayo.
Umzazululi wale nkiyankiya?: uHilton Epstein. Lo mxazululi weSafa nguye obephethe izihluthulelo zekusasa lalaba badlali.
Kulaba badlali ngokwabo, ukulinda bekubuhlungu. Bebephupha ngokudlalela iKaizer Chiefs, bebheke ngabomvu ukungena enkundleni eFNB Stadium bajabulise izinkumbi zabalandeli.
WINA | Ithuba lokuwina neVicks neLisenethini
Kodwa bekumele balinde njengoba ikusasa labo belisayicala eliqhubekayo. Nokho sekuphume izindaba ezijabulisayo kubo neChiefs.
Isinqumo sesiphumile. Lesi sinqumo esisemthethweni esivela ku-Epstein sesithumele amagagasi enjabulo emndenini waMakhosi.
Isinqumo sicacile, futhi siphelele: laba badlali sebekhululekile ukudlalela iKaizer Chiefs.
FUNDA NALA | Inkakha yeseka uNtwari, ithi wenze kahle agoloze
Esinyathelweni esiwujuqu esiqinisekisa amalungelo abadlali, umahluleli uHilton Epstein ukhiphe isinqumo esichitha iCape Town Spurs.
Sivume laba badlali neqembu labo elisha, kanti sisho into eyodwa: uVelebayi noBaartman sebengabhaliswa ngokushesha futhi baqale umsebenzi wabo neKaizer Chiefs.
