
Abaqeqeshi abangu-10 abaphezulu ‘ohlwini’ lweKaizer Chiefs
Njengoba iKaizer Chiefs ibonakala ilungiselela impilo ngemuva kukaNasreddine Nabi, sekunedlanzana labaqeqeshi abasezingeni eliphezulu abamataniswa nokuvala isikhala sakhe.
Lapha sibheka abaqeqeshi abayishumi — abake bamataniswa phambilini nalabo ababalwa manje — ababhekwe kulesi sihlalo esishisayo eNaturena.
10. Sven Vandenbroeck
Ngemuva kokuhola iWydad Casablanca inqoba isicoco seCAF Champions League ngo-2022 nokufinyelela kowandulela owamanqamu ngonyaka olandelayo, kubikwa ukuthi uVandenbroeck ubenentshisekelo yokujoyina iChiefs.
Lo somaqhinga waseBelgium njengamanje uphethe iZulte Waregem, eBelgium kodwa kubikwa ukuthi usangayithokozela inselelo yeChiefs.
9. Alexandre Gallo
Umqeqeshi waseBrazil onamava ubephakathi kwalabo obekucatshangelwa kubo ngo-2023.
UGallo uqhosha nge-CV ebanzi njengoba esebenze kwiSantos, i-Atlético Mineiro naseqenjini lesizwe laseBrazil.
Umsebenzi wakhe wokugcina ube njengomxhumanisi kwiBotafogo, futhi okwamanje akanaqembu asebenza kulo.
8. José Peseiro
Lowo obengumqeqeshi waseNigeria ubefakwe ohlwini lwabazongena esikhundleni sikaCavin Johnson ngaphambi kwesizini ka-2024/25.
UPeseiro uhole iSuper Eagles yafika kowamanqamu kwi-Afcon ngaphambi kokuhlukana naleli qembu.
Kamuva ujoyine iziqhwaga zase-Egypt iZamalek ngemuva kokuphuthelwa umsebenzi weChiefs.
7. Alexandre Santos
USantos uhlabe umxhwele kwiPetro de Luanda yase-Angola, enqoba izicoco zeligi kulandelana futhi wafinyelela kowandulela owamanqamu kwiCaf Champions League.
Kubikwa ukuthi iChiefs beyimfuna ngaphambi kokuthi ajoyine iqembu laseMorocco i-AS FAR Rabat.
6. Raúl Caneda
Waziwa ngefilosofi yakhe yamaqhinga nobudlelwano noPep Guardiola, uCaneda naye ubesohlwini ngesizini eyandulela edlule.
Umsebenzi wakhe eMiddle East nase-Asia usumenze wanconywa kakhulu. Manje usephethe iqembu leChinese Super League iZhejiang Professional.
5. Rui Vitória
Igama likaVitória nalo lavela ngaphambi kokuqokwa kukaNabi. Lo mqeqeshi wasePortugal ube nempumelelo neBenfica futhi unolwazi lwamazwe ngamazwe njengoba eqe wacija i-Egypt.
Usanda kushiya kwiPanathinaikos eGreece futhi uyatholakala emakethe njengamanje njengoba engenaqembu nje.
WINA | Ithuba lokuwina neVicks neLisenethini
4. Benni McCarthy
UMcCarthy ubehlale ethi uzobuyela kwiPSL kuphela uma eza eqenjini elifuna ukulwela izicoco — into ebhekwe yiChiefs.
Njengamanje uphethe iqembu lesizwe laseKenya, kanti useke wakuveza ukuthi lo msebenzi umbangela umzwangedwa ngoba akawenzi nsukuzonke.
3. José Riveiro
Akayena umuntu ongaziwa ebholeni laseNingizimu Afrika, uRiveiro ubengumqeqeshi we-Orlando Pirates ophumelele kakhulu ngesikhathi sakhe.
Isikhathi sakhe esifushane kwi-Al Ahly e-Egypt siphele ngemuva kokunqanyulwa kwenkontileka yakhe. Ukuthuthela eNaturena ngokuqinisekile kungavuselela kakhulu umbango waseSoweto.
2. Pitso Mosimane
UJingles usengomunye wabaqeqeshi abaphumelele kakhulu ezwenikazi, eziqhayisa ngezicoco ezintathu zeCaf Champions League.
Njengoba engenaqembu selokhu ashiya kwi-Esteghlal ywase-Iran ngoJanuwari, igama likaMosimane lisaqhubeka nokumataniswa neKaizer Chiefs.
FUNDA NALA | Owodumo kwiPirates ukhonjwa kwiSiwelele
1. Pedro Soares Gonçalves
Imibiko evela ePortugal iveza ukuthi iKaizer Chiefs ike yaxhumana noGonçalves izama ukumnxenxa ukuzoyiqeqesha.
Nguye obecija i-Angola ngesikhathi iphelela esigabeni sokuqala somzuliswano womkhumulajezi kwi-Afcon edlule, wanqoba nezicoco zeCosafa Cup kulandelana.
