EzintshaKaizer Chiefs

Inkakha yeChiefs incoma uFiacre Ntwari ngokugoloza ukukhishwa

UFiacre Ntwari ube ngundabuzekwayo ngemuva kokwenqaba ukuphuma enkundleni emdlalweni weCarling Knockout Cup la bebedlala khona neStellenbosch FC. 

USetlhodi uthi ukube umqeqeshi ubenomuzwa wokuthi uNtwari akakufanele ukudlala, bekumele angamqalisi umdlalo.

Uthi kube yinto embi ukuthi izinhlelo zomqeqeshi kube wukumdlalisa, bese ebuye emkhipha ngokuhamba kwesikhathi.

“Wenze kahle impela ngokwenqaba ukushintshwa. Bebemkhiphelani vele? 

“Engiqonde ukukusho wukuthi bekungu 0-0. Akenzanga lutho olubi; akangenelwanga goli,” kusho uSetlhodi kwabeFARPost.

“Uma ungikhipha njengonozinti, yini le oyingabazayo kimi ngibe ngingadedelanga goli? Yini ekungabazisa ikhono lami? 

“Babemlulaza nje. Wenze kahle nje anqabe. Nabi bengizonqaba ukuphuma,” kwengeza le nkakha. 

“Babengenabo ubufakazi obumkhombisa iphutha alenzile kulo mdlalo nebelingenza bamkhiphe. 

“Futhi, uma uBruce Bvuma engcono, pho kungani engazange awuqale umdlalo? Ngimi noNtwari kulokhu. Wenze kahle impela.”

Ngesikhathi umdlalo usuya kumaphenathi, ibhentshi leChiefs belifuna kungene uBruce Bvuma, kodwa lo nozinti waseRwanda wenqaba ukuphuma.

Nakuba uNtwari ebe nomdlalo omuhle, okuhlanganisa ukuvimba iphenathi yokuqala yeStellies, ukwenqaba kwakhe ukushintshwa kusibekele yonke imizamo yakhe. 

Okwenze izinto zaba zimbi nakakhulu kuNtwari wukuthi Amakhosi ahluliwe kulo mdlalo.

Umqeqeshi weChiefs, uCedric Kaze uthe bekuvele kuyicebo labo ukuthi bazomshintsha uFiacre Ntwari uma kwenzeka kuyiwa kumaphenathi.