EzintshaKaizer Chiefs

UThabo Cele nemizamo yokusiza abacwile kwiwunga

Njengoba kuvalwe isizini, lo mdlali wethule iMy Brother’s Keeper, okuwuhlelo olugxile ekulaleleni nasekusizeni labo abazithola benale nkinga.

Intsha yaselokishini azalwa kulo, KwaMashu, nakulo lonke leli, inenkinga yesidakamizwa esibizwa ngokuthi yiWunga, noma iNyaope.  

UThabo Cele, ochithe iminyaka eyishumi edlala e-Europe, ubuyele eNingizimu Afrika ngesizini edlule. 

Ubuyiswe yiChiefs ukuze iqinise ngaye esiswini futhi ube nomthelela ngokushesha, wazinzisa indlela iqembu elidlala ngayo. 

Njengoba imidlalo isiphelile, usesebenzisa isikhathi sakhe sokuphumula ukuze asize emphakathini wangakubo KwaMashu ngalolu hlelo lwakhe.  

UThabo Cele uveze ukuthi umqondo walolu hlelo wamfikela ngoba ekhathazwa ukwanda kontanga yakhe, akhule edlala naboo ibhola asebeyizigqila zezidakamizwa. 

“Bengibuka abanye babo bese ngizibuza ukuthi, ‘Wena ubudlala ibhola, kodwa manje sewucwile ezidakamizweni’,” kusho uCele kwiFARPost.  

Lolu hlelo lukhuthaza izingxoxo ezivulelekile, ezivumela laba ukuthi bakhulume ngale nkinga ababhekene nayo ukuze kutholakale indlela yokubasiza.

Uthi inhloso wukuthi kuphunywe nesisombululo nabo abazoba yingxenye yaso sokubasiza baphume kulento yezidakamizwa. 

UThabo Cele ugcizelele ukubaluleka kokubambisana, ethi kumele abe wusizo kozakwabo ukuze bakwazi ukunqoba lempi abakuyo.  

“Saqala ukuzibandakanya namajita futhi saqopha ezinye zezingoxo nabo” kwengeza uCele. 

“Kodwa asizange sikushicelele ndawo. Ngokuhamba kwesikhathi, kwafika imibono yokuthi singawuthumela kanjani umlayezo ukuze sizame ukusiza amajita. 

“Ngacabanga ukuthi ake sihlale phansi sikhulume sisodwa. Lolu hlelo lumayelana nokuzama ukusiza umphakathi.”

Uma ebheka phambili, uCele unethemba lokuthi uzosebenzisana nabantu abangahlinzeka ngamathuba okuhlunyeleliswa kwezimilo.

Uthe okunye okungabasiza wukuthi mhlawumbe bathole izinhelo ezizobathumela ezindaweni zamapulazi la bezoba kude khona nezilingo. 

Ukholwa ukuthi ukwesekwa okuhlelekile kungasiza lezi zinsizwa ziphinde zibuyele empilweni efanele nenekusasa elihle.  

Ngaphandle kwalolu hlelo, uCele usenesikhathi eside ezibophezele ekuthuthukiseni umphakathi wakubo. 

Ngo-2023, wavakashela iMukelani Primary School ukuze akhuthaze abafundi abasebancane. 

Kule mpelasonto yena nomdlali wasesiswini we-Orlando Pirates, uThalente Mbatha, bazosingatha umqhudelwano wezinsuku ezintathu KwaMashu.