IzindebeOrlando Pirates

U-Ouaddou ucashe ngesithupha ebuzwa ngoMofokeng

Ekuqaleni kwaleli sonto kuvele ukuthi kuneqembu lase-US eselibeke imali ebalelwa ku-R35 million etafuleni licela ukudayiselwa lo mdlali oneminyaka engu-20.

Nangaphambi kokuqala kwesizini, bekulokhu kuvela ukuthi uMofokeng angase ashiye kwiPirates aye phesheya. 

“Ngiyaxolisa ngalowo mbuzo… Namuhla bengigxile emdlalweni weStellenbosch, angibanga naso isikhathi sokubheka noma ukufunda izindaba.

“Engikwaziyo wukuthi uRele ulapha nathi futhi udlale kahle. Lokho kusho ukuthi ula nathi, futhi ngethemba ukuthi kuzobeka kanjalo nje,” kusho u-Ouaddou. 

Uphinde wabuzwa nangokudlalisa kwakhe uMofokeng maphakathi nenkundla ngemuva komgadli (kuNombolo 10 ngolimi lwebhola) ekuqaleni komdlalo neStellies ngoLwesithathu ebusuku. 

UMofokeng ubeqale edlala uNombolo 10 bebhekene neStellenbosch ngoLwesithathu, kodwa ukulimala kukaDeano van Rooyen kwajika izinto.

Ukuphuma kukaVan Rooyen kuphoqe ukuthi uKamogelo Sebelebele abuyele emuva kwesokudla, kwangena uSipho Mbule wadlala uNombolo 10, uMofokeng wabuyela ophikweni. 

“Ngeke ngithi ngimbona edlala lapho ngokuzayo. Njengomqeqeshi uhlaziya uhlobo lomdlali ngamunye onaye,” kuphendula lo mqeqeshi. 

“Ucwaninga ubudlelwano babadlali enkundleni, ubheke ukuthi yini ezosebenza kahle, nokuthi yikhuphi okungeke kusebenze. 

“Ngicabanga ukuthi uhlangana kahle no-Appollis noSebelebele – mhlawumbe singaphinde simbone edlala kuleyo ndawo. 

“Kodwa usazodlala ophikweni. Kodwa uwuhlobo lomdlali oludinga ukunikwa inkululeko. Unekhono elihle futhi ukhaliphile, akumele umnqinde. Udinga inkululeko.”