
Okufaka uRele Mofokeng umdlandla ngewindi le-Afcon
Umdlali osemncane weBafana Bafana ne-Orlando Pirates, uRelebohile Mofokeng, usedalule isizathu sangempela sokuthi afune ukuhlaba umxhwele kwi-Africa Cup of Nations.
Lo mdlali oneminyaka engu-21 ubudala usengomunye wabadlali baseNingizimu Afrika abagqame kakhulu.
Usedlale imidlalo eyishumi kwiBafana Bafana futhi wadlalela engu-106 kwi-Orlando Pirates, washaya amagoli angu-19, wakha angu-25.
Lokhu sekwenze uMofokeng waba ngomunye wabadlali basesiswini abasebancane abaphumelela kakhulu kwiBetway Premiership.
URele Mofokeng usenesikhathi eside emataniswa nokufudukela phesheya kodwa kugcine kuphenduke izithukuthuku zenja.
Manje sekubhekwe kakhulu ukuthi kuzogcinaphi ngaye njengoba abadlali abafana noMohau Nkota noMbekezeli Mbokazi besanda kudedelwa ukuya emadlweni aluhlaza phesheya.
UNkota ujoyine i-Al-Ettifaq edlala kwiSaudi Pro League, kanti uMbokazi uzojoyina iChicago Fire ye-US Major League Soccer ngemuva kwe-Afcon.
URele Mofokeng uthi ithuba lokugqama emqhudelwaneni wezwekazi lingamvulela iminyango phesheya kwezilwandle.
“Uma kukhona abangifuayo kwelinye izwe, lokho kungaba wumnyakazo omuhle kakhulu kimi,” kusho uMofokeng.
“Ukudlala kulo mqhudelwano kubalulekile, ngakho-ke uma ngithola ithuba lokuhlaba umxhwele, kufanele ngilibambe ngazo zombili.”
Lo mdlali uqale okokuqala iBafana ibhekene neCameroon nokuwumdlalo wakhe wesibili kulo mqhudelwano kuze kube manje.
FUNDA NALA | ElikaFredericks lixoshe owaduma kwiPSL
Phambilini ubengene ephuma ebhentshini ngesikhathi behlulwa yi-Egypt ngo 1-0 esigabeni semidlalo yamaqoqo.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
