
U-Ouaddou uyalwa: “Bekudlalwa iKarati, bekungelona ibhola!”
Sishube kakhulu isimo ngemuva kwedabhi yaseSoweto ngesikhathi u-Abdeslam Ouaddou ehlasela kanzima iKaizer Chiefs, eyisola ngokushintsha umdlalo waba yinkundla yempi.
Kube wumdlalo ojabulisayo yize uphele ngokulingana ngo 1-1, kodwa ngemuva kwezigcawu, umqeqeshi we-Orlando Pirates usale engeneme neze.
Nokho bekungekhona ngophumphela, kodwa kube yindlela okudlalwe eshiye u-Ouaddou engathokozile emoyeni.
“Angazi noma ngibuke ibhola noma ikarati,” kusho lo mqeqeshi ngemuva komdlalo.
Ngokusho kwalo somaqhinga waseFrance naseMorocco, iChiefs inomsebenzi owodwa: ukuvala iPirates ngazo zonke izindlela.
Futhi hhayi ngokudlala ibhola. U-Ouaddou uthe abadlali bakhe ababalulekile abahlaselayo — uRelebohile Mofokeng, u-Oswin Appollis noTshepang Moremi — bebelinyazwa nje kuphela.
“Bebengezanga ukuzodlala ibhola. Bezezobhubhisa… bezophula imilenze,” kuchaza lo mqeqesho obebonakala ekhungathekile.
Lo mqeqeshi ukholwa ukuthi le ndlela ibulale umdlalo, ikakhulukazi esiwombeni sokuqala.
“Lokhu kubi kakhulu ebholeni… abantu beza ukuzobuka idabhi emnandi,” kwengeza yena.
Le nkulumo ka-Ouaddou yengeze uphethiloli komunye wemiqhudelwano enzima kakhulu ebholeni lase-Afrika.
