EzintshaOrlando Pirates

U-Ouaddou ucacisa ngesimo sabadlali abasha kwiPirates

I-Orlando Pirates imsayinele abadlali abathathu ukuqinisa iqembu lakhe njengoba kubhekwe alwele ukucobishisa zonke izicoco.

Lo mqeqeshi odabuka eMorocco usevele unqobe isicoco seMTN8 neseCarling Knockout kanti usembangweni weseBetway Premiership.

Nokho iSekhukhune iphinde yaliphazamisa leli qembu lika-Ouaddou ezinhlelweni zalo kweseligi ngokulincisha amaphuzu agcwele. 

Ngemuva kwalo mdlalo la iPirates idlale kahle futhi yakha inqwaba yamathuba, lo mqeqeshi ubuzwe ngabadlali bakhe abasha.

Kubo kukhona uMpho Chabatsane noDaniel Msendami abasuka eqenjini lakhe lakudala iMarumo Gallants no-Andre de Jong obekwiStellenbosch FC.

Kulaba abathathu abasha, nguChabatsane obekhona eqenjini elidlale neSekhukhune ngoMgqibelo ntambama.

Nokho naso lesi sitobha esisesincane esisayinelwe ukuvala isikhala sikaMbekezeli Mbokazi besisebhentshini futhi asizange sidlale.

“Ngijabule ngendlela abenze ngayo ekhempini. Basesimweni esifanele futhi sebekulungele ukudlala,” kuphendula u-Ouaddou. 

“Kodwa kumele balinde ukuthi kufike isikhathi sokuthi umqeqeshi neqembu libadinge – angingabazi ukuthi bazosisiza.

“Ngijabule ngengikubone kubo ekhempini – abakwazi ukukwenza. Kodwa uyazi ngaphambi kokufika lapha, sinezinhloli eziletha abadlali ezibheka ezikufunayo.

“Banakho esikudingayo futhi nginethemba elikhulu lokuthi sizobabona enkundleni maduze nje.” 

Abalandeli bePirates bazothemba ukuthi laba badlali bazodlala emdlalweni olandelayo uma iPirates seyibhekene neMagesi emdlalweni weligi.

Lo mdlalo uzoba se-Orlando Stadium kanti kuzobe kubhekwe ukuthi iPirates iwunqobe ukuze iphinde iqhwakele kwilogi.