
Kuphinde esango-2010 kwiBafana iqhathwa kwiNdebe yoMhlaba
Iqembu lesizwe lakuleli, iBafana Bafana izophinde ivule iNdebe yoMhlaba njengoba ibuyela kuyo okokuqala kusukela ngo-2010 la eyayingosokhaya khona.
Elakuleli liphinde laqhathwa kuGroup A, la kukhona khona iMexico ezobe ingosokhaya kulo mqhudelwano ka-2026.
IBafana Bafana izophinde ibhekane neMexico – engelinye lamazwe amathathu okuzobanjelwa kuwo lo mqhudelwano ngoJuni wonyaka ozayo.
Nango-2010, kwaba yilamazwe avula iNdebe yoMhlaba emdlalweni owawuseFNB Stadium la uSiphiwe “Shabba” Shabalala azakhela khona igama ebholeni lomhlaba.
Leli nxele lashaya elihle igoli elaba ngelokuqala kulo mqhudelwano owawubanjelwe e-Afrika okokuqala ngqa.
Nokho iMexico yakwazi ukubuya ilinganise, umdlalo waphela zibambene ngo 1-1, okwakuyisiqalo esihle kwiBafana.
Njengango-2010, umdlalo wokuqala weNdebe yoMhlaba uyoba ngoJuni 11 kanti uzoba seMexico City Stadium.
Lesi akuzoba yisiqalo esilula kwiBafana Bafana kaHugo Broos obekhona emcimbini wokuqhathwa kwamazwe e-US ngoLwesihlanu.
Iqembu lesine eqoqweni leBafana lisazocaca ngonyaka ozayo uma sekuqedelwa imidlalo yokuhlunga yase-Europe.
Amazwe azodlala kule midlalo yokuhlunga yiCzech Republic or Ireland v Denmark or North Macedonia.
FUNDA NALA | IChiefs igaqele owe-Arrows
Lime kanje selilonke iqoqo leBafana:
- Mexico
- South Africa
- South Korea
- Winner PlayOff D
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
