Ezintsha

U-Olwethu Makhanya uchaza ‘ngokulwa’ kwakhe noMessi

Laba badlali baba nesiqephu sabo esikhethekile ngesikhathi somdlalo weMajor League Soccer (MLS) phakathi kwePhiledelphia Union ne-Inter Miami. 

Lo mdlali waseNingizimu Afrika oneminyaka engu-20 ubudala wakhombisa ukungesabi, wabambana ngezihluthu nalesi sihlabani sase-Argentina.

Lokhu kwadonsa amehloo omhlaba njengoba ividiyo yalesi siqephu sabo yagcina igcwele ezinkundleni zomhlaba, futhi kukhulunywa ngayo.  

U-Olwethu Makhanya uyiqale kahle isizini kwiPhiledelphia ngaphansi komqeqeshi omusha uBradley Carnell naye ongowakuleli.

Usedlale imidlalo emine egcwele kuze kube manje kanti ubukeka ekhula umdlalo nomdlalo.

Nokho uke wathola ikhadi elibomvu emdlalweni wabo neSt. Louis City obekudlala kuyo uNjabulo Blom, kodwa iqembu lakhe lagcina liqunqobile lowo mdlalo.

Ngemuva kokudonsa isigwebo sakhe, u-Olwethu Makhanya ubuyile emdlalweni la bebezobhekana khona nezikaLionel Messi, ongumpetha weNdebe yoMhlaba yeFifa.

Yize bahlulwa kulo mdlalo, lo mdlali osemncane waseNingizimu Afrika wazakhela igama ngokungavumi ukududulwa yilesi sihlabani.

Kulesi siqephu esenzeka kulo mdlalo, la abonakala edudulana khona noMessi, uthi kwakuyinto yasemdlalweni nje. 

UMakhanya usephawulile ngaso, echaza ukuthi yasuka kanjani le ‘mpi’ yabo.

Kwaba yinto eyaveza ukungesabi nokuzethemba kwakhe kuleli zinga eliphezulu asedlalala kulo.

“Wavele wahlelela kimi nokho ngathi wayenganakile yena ngoba ebheke ukuphoselwa ibhola,” kusho uMakhanya kwi-The One Team We Agree On Podcast.

“Ngakho-ke ngangizama ukwenza isiqiniseko sokuthi akanginyatheli. Ngakho-ke, uyazi, ngamphusha nami kancane.

“Ngicabanga ukuthi akakuthandanga lokho. Wabe eseqala engigqula nangendololwane nakho konke okunye akwenza.”

UMakhanya akazange azithambise njengoba aqhubeka naye nokuzilwela, emdudula uMessi yize esemgqula nangendololwane.

Yize umsizi kanompempe wayeseduze futhi ekubona okwakwenzeka, wabaziba nje laba. 

“Futhi umsizi kanompempe wayekhona nje, kodwa, uyazi, akazange asho lutho. Kwenzeka kanjalo.”