
I-PSL nezintsha ngamathikithi owamanqamu weCarling Knockout
Esenzweni esimangalisayo esikhomba intshisekelo yabalandeli, amathikithi omdlalo wamanqamu we-Carling Knockout adayiswe aphela emahoreni amathathu.
Lo mdlalo wamanqamu, okuzodlala kuwo i-Orlando Pirates neMarumo Gallants, uhlelelwe uDisemba 6 ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
Le nkundla emumatha abantu abangu-46 000 izobe igcwele phama ngosuku lomdalo ngemuva kokuthi amathikithi edayiswe aphela ngokushesha okumangalisayo.
Lokhu kudayiswa ngobuthaphuthaphu kwamathikithi kuyinkomba eqondile yokuthi lo mdlalo ubhekwe ngabomvu.
Lokhu ikakhulukazi ngoba i-Orlando Pirates, ezibekisele indawo kuwo ngokushaya iRichards Bay ngo 1-0, iphokophele isicoco sayo sokuqala se-Carling Knockout.
Ukuthengiswa kwamathikithi kuqale ngo-10 ekuseni ngoLwesihlanu, kodwa izinkulungwane zabalandeli ezweni lonke zisale ziphoxekile njengoba zifike sezitshelwa ukuthi asedayise aphela.
Lokhu kwenzeke ngemuva kwamahora amathathu nje kuphela kuvuliwe ukudayiswa kwawo nge-Open Tickets.
Iziphathimandla zikhiphe isexwayiso ngokushesha, zinxusa abalandeli abangenawo amathikithi asemthethweni ukuthi bagweme ukuya ePolokwane ngosuku lomdlalo.
Lokhu kwenzelwa ukuvimbela isiminyaminya nezinkinga zokuphepha endaweni eseduze nenkundla.
I-PSL ikuqinisekisile ukuthi amathikithi adayiswe aphela ngesitatimende esifishane: “Amathikithi omdlalo wamanqamu weCarling Knockout ATHENGISWE APHELA emahoreni amathathu.”
FUNDA NALA | Isihlabani se-Arrows sihalelwa yinqwaba yamaqembu
Ukusabela okumangalisayo kwabalandeli kuqinisekisa umdlandla omkhulu obhekwe kulo mdlalo wamanqamu.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
