Ezintsha

Umqeqeshi omusha weZimbabwe nesinqumo esinqala ngoBilliat 

Ngu-Alfred Ngubane

UMarinica ushaye uBilliat ngesithende ngesikhathi eqoka iqoqo labadlali azobe esekhipha kubo azoya nabo kwiCaf Africa Cup of Nations (Afcon). 

IWarriors iseqoqweni elilodwa neBafana Bafana yaseNingizimu Afrika, i-Egypt ne-Angola kulo mqhudelwano wezwekazi ohlelelwe ukuba seMorocco ngoDisemba.

UKhama Billiat phambilini ubengomunye wabadlali abamqoka eqenjini lesizwe laseZimbabwe ngesikhathi esadlala kwiSundowns neChiefs.

Kuzophinde kukhunjulwe ukuthi obengumqeqeshi weZimbabwe, uMichael Nees, waba nesandla ekubuyiseleni bobabili uBilliat noKnowledge Musona eqenjini lesizwe.

Lokhu kungemuva kokuthi babememezele ukuthi bayaliyeka ibhola lamazwe ngamazwe ngemuva kokuthi iZimbabwe imisiwe yinhlangano eyengamele umhlaba, iFifa.

UBilliat ubekhona eqenjini ngesikhathi lidlala imidlalo yokuhlungela i-Afcon neNdebe yoMhlaba, lapho ebengomunye wabadlali abenze kahle.

IZimbabwe izoqala umkhankaso wayo we-Afcon ngomdlalo onzimala izobhekana khona ne-Egypt ngoDisemba 22 eStade Adrar e-Agadir.