
U-Olisa Ndah usephenduke ‘intombi entsha endaweni’
Ukuhamba kuka-Olisa Ndah kwi-Orlando Pirates sekususe isasasa— kanti umjaho wokumasayina ngathi uyashuba impela.
Lo mdlali wasemuva waseNigeria usanda kuhlukana namaBhakabhaka ngemuva kweminyaka ecishe ibe mihlanu ekule kilabhu.
Yize ebethathwa njengomdlali obalulekile kumasizini edlule, u-Olisa Ndah uthwale kanzima ukuthola indawo yokudalla njalo eqenjini.
Lokhu kwenze ukuthi bobabili umdlali neqembu bavumelane ngokuhlukana ngokuthula.
Nokho manje sekuvele ukuthi u-Olisah Ndah usefana nentombi entsha endaweni, efikelwa yizo zonke izinsizwa zendawo zizozibika.
Ngokubika kweThe Citizen, uNdah usedonse amehlo emaqenjini aseNingizimu Afrika nawaphesheya kwezilwandle.
Phambilini uke wamataniswa nokufudukela eFrance, kodwa lokho kwagcina kungenzekanga njengoba ayesengumdlali omqoka kwiPirates ngaleso sikhathi.
“Yebo, kunentshisekelo ekhona ngoNdah — hhayi kuleli kuphela, kodwa nakwamanye amazwe,” umthombo osondelene nalo mdlali ucashunwe usho kanje.
“Okubalulekile njengamanje ukuthola ikilabhu efanele lapho ezodlala khona njalo.”
Imenenja yakhe, uMike Makaab ikuqinisekisile ukuthi izingxoxo ngekusasa lika-Olisa Ndah ziyaqhubeka — kodwa asikho isinqumo esesithathiwe.
“Okwamanje asazi ukuthi yini elandelayo,” uMakaab usho kanje kwiGagasi FM.
“Asikaze sizibandakanye engxoxweni ngokusemthethweni nanoma yimaphi amakilabhu.
“Sizohlala phansi, sihlole isimo ngokucophelela, bese siqala ukubheka amathuba kuleli sonto.”
UMakaab ugcizelele ukuthi lesi sinqumo sizoba ngesethimba, esizothathwa ngokuhlanganyela noNdah nomndeni wakhe.
“Kuya ngokuthi yini esikholwa ukuthi imlungele — u-Olisa, umndeni wakhe nathi njengenkampani.
“Uyise wayengumdlali webhola elikhokhelayp, ngakho-ke sizonquma ndawonye ukuthi yisiphi isinyathelo esilandelayo esimlungele.”
FUNDA NALA | UCardoso nezintsha ngoSaleng kwiSundowns
Njengoba zanda izesheli ezizidlisa satshanyana kuNdah, umnyakazo wakhe olandelayo uzothatha amehlo.
Nokho abalandeli bePirates bazobe befisa ukuthi uzolishiya elakuleli ayojoyina iqembu elingaphandle.
