
Kukhonye iChiefs kwiCufe Cup, kodwa umdlalo uphoxile
- Sibongiseni GUMBI
Awuzange ufike ezingeni ebelibhekiwe umdlalo weCufe Cup la bekubhekene khona iMarumo Gallants neKaizer Chiefs.
Nabalandeli abazange baphume ngobuningi ngendlela abebebhekwe ngayo eFree State Stadium.
Mhlawumbe lokhu kwenziwe wukuthi iGallants ike yasabisa ngokuwuduba lo mdlalo, ithi ayivumelene nabahleli bawo ngokuthile.
Lokhu ikwenze ngoMgqibelo ebusuku, sekusele ngaphansi kwamahora angu-24 umdlalo uqale, ayangabe isasho uma seyiqhubeka nomdlalo.
Womabili amaqembu azamile futhi awakhile amathuba, kodwa umdlalo uze waphela zibambene ngo 0-0, indaba yayoqedelwa phansi kwepali.
Kulapho-ke iChiefs efike yanqoba khona, kuba u 4-3 ngemuva kokuthi uBruce Bvuma evimbe eyodwa, enye yagejwa.
