Bafana BafanaEzintsha

Kuvela isizathu sokuhoxa kuka-Aubrey Modiba kwiBafana 

Ukuphuma kwakhe kuza ngemuva kokuzalwa kwengane yakhe. U-Aubrey Modiba unikezwe ikhefu ukuze abe nomndeni wakhe ngalesi sikhathi esimangalisayo.

UVuyo Letlapa weSekhukhune United ungene endaweni yakhe kwiBafana njengoba eqokwe okokuqala. 

U-Aubrey Modiba udlale umdlalo wonke kwiSundowns ngesikhathi ihlulwa yi-Orlando Pirates ngo 2-1 eFNB Stadium ngempelasonto. 

Bewusinda lo mdlalo kwazise udlalwe enkundeni emanzi neshelelayo ngenxa yemvula ebilokhu iyishayile nje impelasonto yonke. 

ULetlapa, oneminyaka engu-21 ubudala, usedlale imidlalo engu-18 kwiSekhukhune United kule sizini, futhi ungomunye wabenza kahle.

ISekhukhune ihalalisele lo mdlali wayo ngokubizwa eqenjini lesizwe okokuqala ngesizini yakhe yokuqala edlala eqenjini elikhulu. 

“Sihalalisela uVuyo Letlapa oqokwe okokuqala ngqa kwiBafana Bafana,” ibhale le kilabhu ezinkundleni zokuxhumana.

“Lesi sitobha esivimba kwasani emuva kwesokunxele, sizomela iNingizimu Afrika emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026 ibhekene neLesotho neBenin.” 

U-Aubrey Modiba ungumdlali wesibili ukuhoxiswa kwiBafana Bafana kule khempu yokulungiselela le midlalo emqoka. 

UPatrick Maswanganyi we-Orlando Pirates naye ukhishiwe ngemuva kokulimala bezilolonga ngempelasonto. 

Indawo yakhe ithathwe ngumdlali wasesiswini wePolokwane City, uRodney Maphangule, naye obizwe okokuqala kwiBafana.

IBafana Bafana isendaweni yesibili kuGroup C, ibambene ngamaphuzu ayisikhombisa neRwanda ehlezi eqhulwini kuleli qoqo. 

Izobhekana neLesotho ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane ngoLwesihlanu bese iya e-Ivory Coast ukuyodlala neBenin ezinsukwini ezine ukusuka lapho.

Amaqembu azoqeda phezulu emaqoqweni awo yiwo azodlulela kuphela phambili, angene eNdebeni yoMhlaba ka-2026.