Ezintsha

UMohafe usola owe-Arrows ngokuba ‘nengqondo encane’ 

Kulo mdlalo obusePeter Mokaba Stadium ePolokwane ngoLwesithathu, kube nokuhilizisana phakathi kwamabhentshi amabili ngomfana oqoqa amabhola. 

Ibhentshi leGolden Arrows belingeneme ngalo mfanyana abambone ekhombisa ukwedelela nokungamhloniphi umdlali wabo.

Basole lo mfanyana ngokuthi ushaye lo mdlali wabo ngebhola ngamabomu phambi konompempe kodwa baziba. 

Babe sebesukuma belwisa lo mfana. Ibhentshi leCity nalo libe selisukuma lavikela lo mfana omncane.

UPhuti Mohafe uvikele lo mfana oqoqa amabhola, wasola ibhentshi le-Arrows, ikakhulukazi iphini lomqeqeshi uMusa Bilankulu ngendlela enze ngayo.

“Cha, ndoda, laba bebefuna nje ukuba nesihluku nje emfaneni,” kusho uPhuti Mohafe.

“Yingakho ngisheshe ngasukuma kulokho ngoba awukwazi ukuba yindoda endala kodwa enengqondo encane. 

“Lokhu akwenzile akufanele neze. Ubonisani kubafana abancane?

“Ibhola liphumile, umfana omncane walibuyisela kobezoliphonsa kodwa yena waliyeka ibhola ukuze lidlule kuye. 

“Ngakho yini okufanele ayenze umfana? Lokho akuhlangene nanoma yini enye ngaphandle kokuziphatha kwakhe.

“Futhi angizange ngiyithande indlela uMusa Bilankulu enze ngayo. Angizange ngikuthande neze akwenzile. 

“Ulidlalile ibhola. Futhi usebe sekuqeqesheni isikhathi eside kangaka.

“Umfana akenzanga lutho olubi laphaya. Ngingakusho kanjani lokhu? 

“Okungalungile akwenzile wukunikeza obezophonsa ibhola… Kuze kanjani ukuthi kube yinkinga lokho? Akuyona inkinga leyo.”