AmaZuluEzintsha

Kugqame u-Athini Maqokolo Usuthu lubukisa ngeSiwelele

Lo mdlali osemncane ube yiqhawe laMaZulu FC ngesikhathi eshaya womabili amagoli behlula iSiwelele FC ngo 2-0 emdlalweni weBetway Premiership.

Uqokwe njengomdlali obevelele kulo mdlalo obuseMoses Mabhida Stadium ngoMqgibelo ntambama, kanti ubonge abazali ngokumeseka.

“Ngijabule kakhulu – angazi nokuthi ngithini,” kusho u-Athini Maqokolo ngemuva kwalo mdlalo.

“Kodwa angiqale ngibonge uNkulunkulu ngethalente. Ngibonge umama, ubaba nobhuti wami omdala ngokungeseka kwabo.”

Uthe njengoba ebebona amathuba emvuma, ubefisa ukushaya amanye amagoli kodwa kwala khona ukwenza. 

“Umqeqeshi uhlezi engitshela ukuthi amaphutha ayenzeka, lizovela ithuba ngilishwebe, kodwa kumele ngiqhubeke nokusebenza.

“Bengifisa ukushaya angaphezulu kwamabili namuhla, kodwa akwenzekanga. Ngeshwa akuvumanga.” 

Umqeqeshi, u-Arthur Zwane, naye umbongele lo mdlali wakhe akhombisa ukumethemba okukhulu.

“Ubengalishaya kalula nelesithathu. Kodwa ngimjabulele ngoba ungumdlali obedlala esigabeni sesithathu ngesizini edlule. Kodwa mbuke manje,” kusho uZwane.

Ngalo mphumela, AmaZulu anyukele endaweni yesine njengoba esenamaphuzu angu-24 ngemuva kwemidlalo engu-13 kule sizini.