
OweLupopo uchitha ukushoda ngoMukoko behlulwa yiDowns
Iphini lomqeqeshi weSt Eloi Lupopo uYassine Salmi ligcizelela ukuthi ukuhlulwa kwabo akuhlangene nokungabi bikho komqeqeshi uGuy Bukasa.
Uphinde wachitha izinsolo zokuthi umdlali wasemuva omisiwe uDieumerci Amale Mukoko ube nomthelela ekutheni bathole induku kwiMamelodi Sundowns ngoMgqibelo ntambama.
ISt Eloi Lupopo ihlulwe ngo 3-1 emdlalweni wayo wokuqala wesigaba samaqoqo kwiCaf Champions League eLoftus Stedium.
UNuno Santos ushaye amagoli amabili eSundowns, kwathi uMarcelo Allende – ongwajwayele ukushaya amagoli – naye washaya elinye.
URamos Kashala ushaye elokubika ekhaya leSt Eloi Lupopo nelenze umphumela wahlonipheka kancane.
Lo mphumela wenze leli qoqo elinzima – okukhona kulo iMC Alger yase-Algeria ne-Al Hilal yaseSudan – lavuleka.
Iqembu likaRulani Mokwena iMC Alger nalo likhubekile ngoLwesihlanu, lihlulwa ngo 2-1 yi-Al Hilal emdlalweni walo wokuqala wamaqoqo.
USalmi uthe iLupopo idlale kahle esiwombeni sokuqala kodwa yayilahla ezikhathini ezibalulekile zokuhlasela phakathi nomdlalo.
Uthe iSundowns ikhombise ubukhali futhi yajezisa amaphutha eLupopo ngezikhathi ezifanele, ikakhulukazi ekuqaleni kwesiwombe sesibili.
“Sidlale kahle kakhulu esiwombeni sokuqala, kodwa silahlekelwe ukugxila kancane futhi asisebenzanga kahle ekushayeni amagoli.
“Kodwa iSundowns yona beyisebenza kahle, ibigxile kakhulu yingakho ishaye amagoli amabili esiwombeni sesibili,” kusho uSalmi.
USalmi nguye obehleli ebhentshini leLupopo njengoba uGuy Bukasa emisiwe. Nomdlali wasemuva uMukoko naye ubengekho ngenxa yokumiswa.
“UMukoko ungumdlali okhethekile kodwa cha… Angikwazi ukukhuluma ngoMukoko kukhona abanye abadlali lapha, uma siwina, siwina njengeqembu, futhi sihlulwa njengeqembu.
“Kube wukulahlekelwa wukugxila nje, akukhona ngomqeqeshi, noma uMukoko abebengekho, kwesinye isikhathi sidinga ukufaka ibhola enethini.”
Ube esethembisa ukuthi alikho iqembu elizophuma namaphuzu kubo uma sebesekhaya eLumbumbashi, eDR Congo.
“Uma ubona umdlalo, sihlulwe ngesiwombe sesibili, kungani? Uma wakha amathuba kodwa ungawasebenzini, uyajeziswa…
“Ngokuzayo sizosebenza kangcono futhi sisebenzise amathuba ethu. Sesilungele ukuba sekhaya, futhi sizobona emidlalweni elandelayo eLubumbashi.”
FUNDA NALA | Ubonge abazali owoSuthu edla iMan of the Match
I-St Eloi Lupopo izosingatha i-Al Hilal eDR Congo, eTP Mazembe Stadium ngemuva kokufinyelela esivumelwaneni sokusebenzisa le nkundla nezimbangi zayo zasekhaya.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
