
UVelebayi weChiefs uyibheke ngabomvu inselelo yezwekazi
Umdlali wasesiswini weKaizer Chiefs u-Asanele Velebayi ujabule ngokuthi usethubeni lokudlala umdlalo wakhe wokuqala ngaphandle kwaseNingizimu Afrika.
Lo mdlali oneminyaka engu-22 ubudala uyingxenye yeqembu leChiefs eliye eSuez e-Egypt la liyodlala khona umdlalo walo wokuqala esigabeni samaqoqo kwiCaf Confederation Cup.
U-Asanele Velebayi udlale okokuqala kwiKaizer Chiefs esuka ebhentshini, wadlala imizuzu engu-25 yokugcina benqoba ngo 3-1 behlula i-AS Simba ngenyanga edlule.
Nokho, kuzobe kungokokuqala ukuthi lo mdlali adlale ibhola lamakilabhu ngaphandle kwaseNingizimu Afrika.
“Ngokusobala, yisikhathi esikhulu kimi ukuthi ngihambe e-Afrika, ngiye e-Egypt, okokuqala ngqa,” kusho uVelebayi.
“Sibuke imidlalo yeligi yase-Egypt njengengxenye yamalungiselelo ethu ngakho ngilindele umdlalo onzima, kodwa ngiyibheke ngabomvu inselelo.
“Uma ngikhuluma iqiniso, ngokwami, nginovalo kancane kodwa sinabadlali asebeke badlala kuleli zinga phambilini. Ngiyabethemnba ukuthi ulwazi namava abo kuzongihlomisa ngokwanele.”
IKaizer Chiefs ibheke ukuthola okungenani iphuzu ekuhambeni ukuze iqale umkhankaso wayo, kanti u-Asanele Velebayi uthi kumele bakugweme ukungenelwa yigoli.
“Kithina, into yokuqala ebaluleke kakhulu ukuthi singangenelwa amagoli,” kusho le nsizwa ebikwiCape Town Spurs.
“Lokho akusho ukuthi ngeke sizame ukunqoba kodwa kuzimele siqine emuva ngoba lokho kuzosibeka ethubeni elingcono lokuthola umphumela omuhle.”
Umdlali wasesiswini weChiefs uLebo Maboe, ngakolunye uhlangothi, uthi bayayazi indlela i-Al Masry edlala ngayo, ngakho bayakwazi okumele bakulindele.
“I-Al Masry iyiqembu elihle elinesakhiwo esihle, basebenzisa indlela yokudlala ebizwa ngeDiamon Shape, bese behlasela ngezinhlangothi.
“Siyazi ukuthi kuzofanele sibe sezingeni eliphezulu ukumelana nabo besekhaya kodwa siyakholelwa kithina futhi siyibheke ngabomvu inselelo yabo,” kusho uMaboe.
FUNDA NALA | OweLupopo uchaza eyokushoda kukaMukoko
Lo mdlalo we-Al Masry neChiefs ungeSonto kanti uqala ngo-6 ebusuku ngokwesikhathi sakuleli. Uzokhonjiswa bukhoma kuSABC3 noSuperSport 209.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
