
IPirates nesibuyekezo ngabalimele ngaphambi koweCity
I-Orlando Pirates ibuyela emidlalweni yeBetway Premiership ngoLwesine ebusuku, ngemuva kwamasonto amabili idlala iCAF Champions League.
Ibuyela ngesitha esijwayelekile: iDurban City ezobhekana nayo e-Orlando Amstel Arena. Umdlalo uqala ngo-7:30 ebusuku.
“Iqembu elivikela isicoco seBetway Premiership lizodlala neDurban City e-Amstel Arena kulobu busuku njengoba lifuna ukuvala igebe kwiSundowns ezihola ngamaphuzu angu-20 emidlalweni eyisishiyagalombili,” kusho iPirates.
IPirates isendaweni yesibili ngamaphuzu angu-13 emidlalweni emihlanu.
Leli gebe lemidlalo emithathu yiyona nto eyenza ubusuku ngabunye bokudlalela ekhaya bube semqoka.
“AmaBhakabhaka asendaweni yesibili ngamaphuzu angu-13 emidlalweni emihlanu futhi anethuba lokuvala igebe kwiqembu laseTshwane,” kuqhuba isitatimende.
Iqembu lika-Abdeslam Ouaddou alinamusa emidlalweni yeligi — linqobe emine, ladlala ngokulingana owodwa.
Lishaye amagoli angu-12, langenelwa elilodwa. Kodwa iDurban City ayilula njengoba kubonakala.
Ngesizini edlule, iPirates yayishayela ekuhambeni ngo-2-0, badlala ngokulingana ngo-0-0 e-Orlando Amstel Arena.
Futhi kwadingeka isikhathi esengeziwe negoli elihle likaGamphani Lungu ukuze iPirates ikhiphe iCity kwiMTN8 ngo-Agasti.
Ngaphezu kwalokho, i-Orlando Pirates iya kulo mdlalo ilinyalelwe abadlali abamqoka okukhona kubo naye uLungu lo owayilamulela kwiMTN8.
“UThalente Mbatha, u-Evidence Makgopa, uSihle Nduli noMohau Nkota basazoqhubeka nokwelashwa kwabo,” kuqinisekisa iPirates.
Nokho, kunezindaba ezimnandi: “UGamphani Lungu no-Andre de Jong bona bazohlolwa ngemizuzu yokugcina ngaphambi komdlalo ukuthi bangadlala yini.”
I-Orlando Pirates inemidlalo elandela ngayo ngemuva, kodwa namuhla kumele ithole amaphuzu amathathu ukuze ingagcini ingasho lutho leyo midlalo.
- FUNDA NALA | Sesivelile isandla sikaPitso kwiBafana
Nokho kuzomele izibambe ziqine futhi ibe sezingeni eliphezulu ngoba iDurban City iyiqembu eselinokuyifukuzisa ikakhulukazi uma isekhaya.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
