
UHugo Broos uveza okumhehe kuMbekezeli Mbokazi
Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos usedalule okumenze wagculiseka ngomdlali we-Orlando Pirates osemncane uMbekezeli Mbokazi.
UMbekezeli Mbokazi oneminyaka engu-19 ungomunye wabadlali abayisikhombisa abasha eqenjini leBafana.
IBafana ikhempini yokulungiselela imidlalo yobungani yamazwe ngamazwe neTanzania neMozambique.
UMbekezeli Mbokazi ungomunye wabadlali abebegqamile kwiPirates kule sizini.
Usheshe wazitholela indawo yakhe ngemuva kokukhushulelwa eqenjini elikhulu esuka kwelenkulisa.
Manje uHugo Broos ukujabulele ukukhombisa ukuvuthwa nobukhali bukaMbekezeli Mbokazi uma ebhekene ngqo nembangi nokuthatha izinqumo ezikhaliphile.
Lo mqeqeshi uthi lezi ngezinye zezinto ezimhlabe umxhwele ngoMbokazi.
“Ngicabanga ukuthi engakubona kuMbokazi, yindlela akhombisa ukuvuthwa ngayo,” kusho uBroos kwiSABC Sport.
“Uthatha izinqumo ezinhle futhi uyisitobha esihle kakhulu – akayena umdlali omude kodwa uyakwazi ukuphumelela uma ebhekene nesitobha.”
UHugo Broos uthanda ukuthi uMbekezeli Mbokazi ukhaliphile, ngakho ukungabi mude kwakhe akuyona into emgqilazayo.
“Ungu-1.80m ubude uma ngicabanga. Kodwa akahlulwa kalula uma ebhekene nomgadli.
“Ukhaliphile futhi uyakwazi nokufunda iminyakazo yokuhlasela, ngakho-ke yebo, uyisitobha esihle impela.”
UMbokazi akakwazanga ukungena eqenjini le-Under ebelidlala i-Africa Cup of Nations njengoba iPirates ingamkhululanga.
Leli qembu lenze kahle futhi layinqoba indebe yalo mqhudelwano obubanjelwe e-Egypt ngenyanga edlule.
UBroos unomuzwa wokuthi leli bekuyithuba elihle kulo mdlali oneminyaka engu-19 ubudala, ebelingamsiza ngamava ezinga lamazwe ngamazwe.
“Bekungaba ngcono ukuthi adlale i-Afcon ukuze athuthuke futhi athole ulwazi lwamazwe ngamazwe,” kusho lo mqeqeshi waseBelgium.
“Kulungile, iPirates izothi ulutholile lolu lwazi kwiChampions League futhi izobe iqinisile.
“Kodwa bebengamnika ithuba ngoba banabadlali abaningi abebengavala isikhala sakhe eqenjini.
“Futhi kulungile, iPirates beyisalwela isicoco seligi ngaleso sikhathi, kodwa ngicabanga ukuthi ukusinqoba bese kuvele kunzima kakhulu.
“Ngakho-ke bebengakwazi ukuqhubeka ngaphandle kwakhe, bamnikeze ithuba lokudlala kwi-Afcon,” kuqhuba uBroos.
IBafana izogadulisana neTanzania ePeter Mokaba Stadium ePolokwane ngoLwesihlanu ebusuku.
LO mdlalo uzoba yisivivinyo esihle kuMbokazi nabanye abadlali abasebancane abaqokwe nguBroos.
