
UCardoso ubhoke ngolaka ebuzwa ngezinga leDowns
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, usekuphikile ukuthi iqembu lakhe selehlelwe yizinga, futhi alisazenzeli eNingizimu Afrika.
Lokhu ukuveze ngemuva kokuthi iSundowns ishaye AmaZulu ngo 5-2 emdlalweni weBetway Premiership obuseLoftus Stadium ngoLwesithathu ebusuku.
UCardoso – obezwakala ukuthi uyanengeka – ugcizelele ukuthi iSundowns isendaweni ephezulu futhi akukho okumele kukhathaze abalandeli.
“Ubani osendaweni yokuqala kule mpi? Amaqembu amabili aphezulu kwilogi.
“Yini eniyifunayo? Akukho okudlula ukuba phezulu kwetafula,” kubhoka lo mqeqeshi.
U-Miguel Cardoso uphinde wagxeka indlela abantu abagxila ngayo ezintweni ezingahambi kahle kwiSundowns, bakhohlwe okuhle.
“Kungani nibheka uhlangothi olubi lweSundowns? Abalandeli beSundowns akumele bakwamukele lokhu,” kusho yena sakuthetha.
Uthe iqembu lisazokhula, lihlangane kahle njengoba isizini iqhubeka.
“Iqembu lizokhula kancane kancane kuyo yonke isizini.
“Uma sesithole ukuzinza, iqembu lizoba ngcono,” kuqhuba yena.
Ukhuluma kanjena nje u-Miguel Cardoso kunokukhononda okukhulayo kubalandeli ngendlela iqembu elidlala ngayo.
- FUNDA NALA | Kushwebe abalandeli kushintshwa inkundla yoweChiefs
Yize liwashayile AmaZulu, kodwa alizange liwulawule umdlalo ngendlela ebelenza ngayo eminyakeni embalwa edlule.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
