
Ziyanda izinkinga zemali emaqenjini aseKZN
- Intatheli yeLISENETHINI
I-SA Football Players Union (Safpu) ivakashele ekomkhulu leqembu eliithandwayo laKwaZulu-Natal, AmaZulu FC iyizwa ngezikhalazo zabadlali.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi kuvela ukuthi leli qembu nomakhelwane balo iRichards Bay neRoyal AM bahlongoza ukwehliswa kwamaholo abadlali.
Ngokombiko weSunday World, la maqembu amathathu eBetway Premiership afuna ukuphoqa abadlali abathile ukuthi bavume ukwehliselwa imiholo, kanti abanye basakweletwa imali yabo.
Lo mbiko uthi iSafpu ithi iRichards Bay kuleli sonto ikhokhele abadlali bayo bakudala imali engaphezu kuka-R500 000 ngemuva kokwephulwa kwezinkontileka zabadlali abathile.
IRichards Bay isanda kuthola umxhasi omkhulu kanti bekucatshangwa ukuthi izinkinga zayo zemali sezidlulile.
Khonamanjalo iRoyal AM kuthiwa idonsa kanzima ngokwemali ngenxa yokuthi umxhasi wayo omkhulu, umengameli weqembu uShauwm Mkhize ubhekene nezinkinga zentela.
Njengoba kuzoqala imidlalo yeBetway Premiership kule mpelasonto, lezi akuzona izindaba ezinhle ebholeni laseKZN.
Bobabili iRoyal AM neRichards Bay basinde ngokulambisa ezembeni ngesizini edlule ngenxa yobunzima obufanayo.
Futhi bake babhekana nezigwebo zokungasayini abadlali ngooba bekweleta abadlali bakudala.
IRich Boyz yona seyiphumile kuleso sigwebo kanti iThwihli Thwala kusasinda kwehlela kuyo ngenxa yaso lesi sigwebo.
