EzintshaMamelodi Sundowns

UCardoso nomyalezo kuVan Rooyen ngokudlala kwiDowns

UDeano van Rooyen usalinde ukuthola ithuba lokudlala okokuqala egqoke ijezi leMamelodi Sundowns, futhi umqeqeshi u-Miguel Cardoso usecacise ngesimo sakhe.

Lo mqeqeshi umnike isizathu sokuthi angalilahli ithemba lo mdlali.

UVan Rooyen ujoyine iSundowns mahhala kulandela ukuhlukana ne-Orlando Pirates ngesikhathi kuvulwe iwindi lokudayiselana ngabadlali.

Ngaleso sikhathi bekubonakala sengathi uzolithola kalula ijezi njengoba uKhuliso Mudau elimele, kanti uZuko Mdunyelwa naye ubengenzi kahle.

Kodwa izinto zashintsha ngesikhathi kufika uThabang Matuludi. Lokhu kwenze ukuthi umbango wendawo emuva kwesokudla ushube kakhulu.

UMatuludi akachithanga sikhathi ekukhombiseni ikhono lakhe. Usize iqembu emdlalweni weFIFA African-Asian-Pacific Cup libhekene ne-Al Ahli yaseSaudi Arabia.

Waphinde wakhela uTeboho Mokoena igoli lokunqoba kowamanqamu weMTN8 bebhekene nePirates.

Ngempelasonto edlule lo mdlali obegijima kwiPolokwane City ushaye amagoli amabili bebhekene neDurban City emdlalweni weBetway Premiership.

Lokhu kumenze waba phambili kakhulu kunoVan Rooyen ekutholeni indawo eqenjini, kanti lo mdlali yena usaqinisa umzimba emidlalweni yobungani.

Kukhona noThapelo Morena oseluleme ekulimaleni, okwenza ukuncintisana kule ndawo kube kukhulu nakakhulu.

Nokho, u-Miguel Cardoso uthi ukubambezeleka kukaDeano Van Rooyen akusho ukuthi akalithandi ikhono lakhe, kodwa kumayelana nokuthi alungele ukungena enkundleni.

“UDeano ungumdlali okwathi efika kithi, kwase kunesikhathi eside engadlali,” kusho uCardoso.

“Siyaqonda ukuthi abadlali basuke bekusiphi isimo, futhi sizama ukubenzela izimo ezifanele ngaphambi kokubafaka emidlalweni yokuncintisana. 

“Asifuni ukubafaka esimweni abangeke bakwazi ukugqama kuso noma ukukhombisa amakhono abo.

“Leyo yindlela esibuka ngayo abadlali. Asifuni ukubafaka emdlalweni bengakakulungeli, ngoba umdlalo webhola uyindawo lapho wonke umuntu ekubhekile.

“Yindawo lapho kudingeka khona ukuthi umdlali adlale ezingeni eliphezulu. Sizizwa sengathi manje useyasondela kuleso sigaba,” kuchaza yena.

U-Miguel Cardoso uveze nokuthi uDeano Van Rooyen akuyena yedwa olinde ithuba lokudlala.

“Njengoba ningacabanga, ukuncintisana ngale ndawo kukhulu kakhulu. Akukhona phakathi kwakhe noZuko kuphela.

“UThabang ufike wabe esejwayela iqembu ngokushesha. Ngesikhathi sisayina bobabili besingazi ukuthi izinto zizohamba kanjani. 

“Kodwa uThabang ukwazile ukusheshe afinyelele ezingeni ebesilifuna.

“Bayazi ukuthi umqeqeshi uyabethemba. Okumele bakwenze wukubekezela nokuhlala bezimisele, balinde ithuba labo,” kusho yena.

ISundowns isizibekisele indawo kowandulela owamanqamu kwiCarling Knockout Cup. 

Izophinde ibhekane ne-USM Alger, engompetha beCAF Confederation Cup, emdlalweni weCAF Super Cup ozoba seLoftus ngeSonto.

Nokho, kubukeka kungenakwenzeka ukuthi lo mdlalo ube yithuba lokuthi abadlali abasanda kufika bathole indawo eqenjini.