EzintshaOrlando Pirates

U-Ouaddou uveza okwenza angabi nasifuba ngeqiniso

Umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, akanaso isifuba uma kuziwa kwimibono yakhe, ngisho noma iqembu lakhe linqobe umdlalo omkhulu. 

Uthi ukukhuluma iqiniso kubadlali bakhe yikho okubenza bamethembe futhi bakholelwe kuye.

Lo mqeqeshi waseMorocco usedume ngokungafihli luthi uma ekhuluma ngokudlala kweqembu lakhe, kungakhathalekile ukuthi liwinile noma lihluliwe.

Ngemuva kokushaya iKaizer Chiefs ngo 2-1 emdlalweni weSoweto Derby, uveze ukuthi iPirates ibingadlali ezingeni alifunayo, ikakhulukazi esiwombeni sokuqala.

“Kwesinye isikhathi kumele ukhulume iqiniso kubadlali bakho. Lokho kubaluleke kakhulu,” kusho u-Ouaddou.

“Ukwethembeka emehlweni abadlali, ubudlelwano phakathi kwabo nomqeqeshi nokukhuluma iqiniso kubo yikho okubenza akwethembe.”

U-Adbeslam Ouaddou akagcini ngokugxeka abadlali kuphela, kodwa uyakwazi nokuzibeka icala kwayena uma kugexe yena. 

Uthe uyawuthatha umthwalo ngephutha lokusebenzisa uDeon Hotto, ojwayele ukudlala emuva ohlangothini lwesokunxele, ngakolunye uhlangothi.

Uphinde wavuma ukuthi kube namaphutha eqhinga enze iPirates yaba sengcupheni yokuhlaselwa.

“Esiwombeni sokuqala, ikakhulukazi esiswini nasemuva, besilandlea ngemuvauma besicindezela,” kusho yena.

“Angifuni ukungena kakhulu kwindlela engifuna ukudlala ngayo ngoba angifuni ukuveza izimfihlo ezizosetshenziswa emdlalweni olandelayo, kodwa impela besilandela ngemuva.”\

IChiefs ikwazile ukuthola izikhala phakathi kwezindawo ezahlukene enkundleni, yashintshanisa abadlali bezama ukudida iPirates futhi yathola nethuba lokungena ngemuva kwabadlali basemuva.

U-Ouaddou ube esegxeka indlela abanye abadlali basesiswini abebedlala ngayo, nakuba engazange abize muntu ngegama.

“Ngizowuthatha umthwalo ngephutha elenzeke emuva, kodwa ngibone indlela abanye abadlali basesiswini abaziphathe ngayo engahambisani nhlobo nendlela engifuna sidlale ngayo,” kusho yena.

Ube esexwayisa abadlali ngokuthi wonke umuntu kumele azimisele ukufeza izinhloso zeqembu.

“Wonke umuntu kumele azibophezele kulokho esifuna ukukufeza,” kuqhuba yena.

“Ngiyaxolisa uma kukhona umdlali oyedwa noma ababili abangafuni ukuba yingxenye yalolu hambo lokufeza izinhloso zethu. Ngizokhuluma nabo ngqo, bayangazi.”

IPirates izobhekana neSekhukhune United emdlalweni weCarling Knockout Cup e-Orlando Stadium ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

U-Abdeslam Ouaddou uzobe elindele ukuthi abadlali bakhe bakhombise ukuthuthuka ngemuva kokugxeka indlela abadlale ngayo bebhekene neChiefs. 

Kucacile ukuthi ngeke ayigodle imibono yakhe uma engakutholi lokho akufunayo.