Bafana BafanaEzintsha

UMosimane uveza akulindele kuFoster emnika elinye ithuba 

U-Lyle Foster ubuyile eqenjini lesizwe iBafana Bafana, futhi umqeqeshi u-Pitso Mosimane useveze akubheke kulo mgadli njengoba emnika elinye ithuba nje.

UMosimane ubize lo mgadli weHouston Dynamo eqenjini elizodlala imidlalo emibili yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (AFCON) ka-2027 neKenya. 

Nokho, ukubeke kwacaca ukuthi lokho akwenza phambilini ngeke kumenze athole isikimu ngaphandle kokusisebenzela.

“Intengo yayizolo akuyona eyanamuhla,” kusho uMosimane kwabezindaba ngoLwesibili.

“Ngifuna ukumnika ithuba lokuba yingxenye yeqembu lesizwe. 

“Akusekho kimi lokho, sekusele kuye manje ukuthi wenza njani.”

U-Lyle Foster akazange abe khona ekhempini yokuqala ka-Pitso Mosimane ngoSepthemba. 

Kodwa uMosimane uthi sebeke baba nezingxoxo kusukela lapho, kodwa lo mqeqeshi unqabile ukudalula ukuthi bakhulume ngani.

“Sibe nezingxoxo zethu zangasese engingeke ngikwazi ukuzidalula ngoba ubudlelwano phakathi komdlali nomqeqeshi buyinto engcwele. 

“Kumele sakhe ukwethembana nokuzethemba phakathi kwami nabadlali.”

UMosimane uvumile ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-26 usanda kubuyela ekubeni yingxenye yabadlali abaqala imidlalo, kodwa akakabuyeli ezingeni lakhe eliphezulu.

“UFoster uyadlala futhi usanda kuqala imidlalo” kusho uMosimane. 

“Kodwa uma ngikhuluma iqiniso, kusamele asebenze kanzima ukuze abuyele ezingeni ayekulo ngesikhathi ngesikhathi esemgqigqweni wakhe.

“Asibone ukuthi usenakho yini ukulambela ukuphumelela ngoba sonke siyazi ukuthi ungumgadli osezingeni eliphezulu.”