
USkwhishi uveza ukuthi kwamsiza kanjani ukufaniswa no-16V
Umdlali weBafana Bafana neMamelodi Sundowns, u-Siyanda “Skhwishi” Ndlovu, usephumele obala ngokuthi uzizwe kanjani ngokuqhathaniswa nengwazi yebhola laseNingizimu Afrika, u-Doctor “16V” Khumalo.
Lokhu kwnziwa yilowo owake wamqeqesha ngesikhathi bekwiGolden Arrows, uManqoba Mngqithi.
UMngqithi ubongwa ngeqhaza elikhulu alibambile ekuthuthukiseni uNdlovu ngesikhathi besebenzisana kwi-Arrows.
Ngaphansi kwakhe, lo mdlali wasophondweni wakhombisa ukukhula okukhulu emdlalweni wakhe.
Lo mqeqeshi, wake wancoma uNdlovu wathi indlela adlala ngayo inezinto ezimfanisa noDoctor Khumalo, owayengumdlali ovelele kwiKaizer Chiefs neBafana Bafana.
UNdlovu uthi ukuqhathaniswa nomunye wabadlali abakhulu emlandweni webhola laseNingizimu Afrika kumjabulisile kakhulu.
Uveze nokuthi la mazwi amnikeza ugqozi lokusebenza ngokuzikhandla nangaphezulu ukuze aqhubeke nokuthuthukisa indlela adlala ngayo.
“Ngicabanga ukuthi indlela engangidlala ngayo nendlela umqeqeshi ayengenza ngidlale ngayo kwagcina kumenze wangifanisa naye,” kusho uNdlovu.
“Lokho kwangijabulisa kakhulu ngoba ngaba nesikhathi esincane sokumbuka edlala.
“Kodwa ngabona ukuthi wayenethalente elingakanani nelikhulu kangakanani.
“Ngakho ukuqhathaniswa naye kwangijabulisa.
Ngaphinde ngaba nephupho lokuthi indlela engidlala ngayo ingafinyelela ezingeni eliphezulu, ngize ngimele neqembu lesizwe.
“Mhlawumbe ukuzwa lawo mazwi kwangisiza ukuthi ngidlale ngendlela ebengidlala ngayo kwi-Arrows.
“Ngabambelela kulawo mazwi ukuze ngibe yilokhu engiyikho namuhla.”
- FUNDA NALA | UMcCarthy uveza usizi lwakhe kwiKenya
Njengoba ukufaniswa no-Doctor Khumalo kwamkhuthaza u-Siyanda Ndlovu, manje sekubhekwe ukuthi azibonakalise nakwiBafana.
- EZISHISAYO!| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
