
UPatrick Mayo uveza isifiso ngoKhanyisa kwiChiefs
Owayengumgadli we-Kaizer Chiefs, uPatrick Mayo, useveze ukuthi indodana yakhe u-Khanyisa Mayo beyikhungathekile ngenxa yokungadlali njalo ngesizini edlule.
Ekhuluma neSoccer Laduma, uMayo uthe ujabule ngokuthi iChiefs isigcine imlande unomphela kwiCR Belouizdad yase-Algeria, uthi lokhu kuyisiqalo esisha.
“Siyajabula ngaye. Kumele asebenze kanzima kakhulu manje. Siyakwazi akwazi ukukwenza,” kusho uMayo.
“Angisho ukuthi ubengasebenzi kanzima, kodwa uma ungadlali njalo kuba nzima ukuzikhuthaza.”
U-Khanyisa Mayo udlale imidlalo engu-15 washaya amagoli amabili ngesikhathi ebolekisiwe kwi-Kaizer Chiefs ngesizini edlule.
UMayo ukholwa ukuthi ukufika komqeqeshi omusha uFernando Da Cruz kuzomnika elinye ithuba lokuziveza.
“Yikho ebesikufisa. Manje sekunomqeqeshi omusha, ufuna ukudlala njalo futhi asebenze kanzima,” kuchaza uMayo. “Ngiyazi uzokwenza kahle kule sizini.”
Lo mgadli wakudala weBafana Bafana uthe okube buhlungu kakhulu wukubona indodana yakhe ihamba neqembu eGqeberha kodwa ingadlali.
“Wakhungatheka futhi wadikibala ngoba wayengadlali,” kuqhuba uMayo ngesimo sendodana yakhe.
“Ngikhumbula ngesikhathi iChiefs idlala eGqeberha. Wahamba neqembu kodwa wagcina ehlezi nathi ezihlweleni.
“Nathi kwasiphatha kabi ngoba sasicabanga ukuthi uzodlala phambi kwabalandeli bangakubo.
“Abantu abaningi baseMpumalanga Kapa baya enkundleni beyobuka yena, kodwa wagcina engadlali.”
- FUNDA NALA | ICity isayine owodumo kwiRoyal AM
UPatrick Mayo uthe manje sekuyisikhathi sokubheka phambili ku-Khanyisa Mayo njengoba kuqala inkathi entsha kwi-Kaizer Chiefs.
“Lokho sekudlulile. Manje unenkontileka ephelele futhi sekunomqeqeshi omusha. Kumele aziveze ukuze umqeqeshi amethembe.
“Nginesiqiniseko sokuthi uzophinde alwele ukubuyela kwiBafana Bafana emidlalweni yokuhlungela i-Afconm,” kusho uMayo.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
