
IPirates iphethe ‘iBhodlela’, iChiefs ayinaCross kowamanqamu
Izobe iqine ngokuphelele i-Orlando Pirates emuva uma seyibhekene neKaizer Chiefs emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup.
Lo mdlalo osekuphele amaviki ulindelwe useMoses Mabhida Stadiu, eThekwini namuhla ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.
I-Orlando Pirates idlale imidlalo emibili edlule yeligi, okukhona kuyo noweKaizer Chiefs singekho isethenjwa sayo emuva uNkosinathi “Bhodlela” Sibisi.
Lokhu bekulandela ukuthi akhishwa ngekhadi elibomvu eziMnyama ziguqiswa yiSekhukhune United ngo 1-0 emasontweni amabili edlule.
Kodwa njengoba isigwebo sakhe semidlalo emibili sesiphelile, uSibisi kulindeleke abuyele eqenjini eliqala umdlalo kowamanqamu.
Lezi yizindaba ezinhle kumqeqeshi uJose Riveiro obheke ukuyinqoba okwesithathu kulandelana le ndebe okungase kube eyokugcina kuye naleli qembu.
Ngasohlangothini lweKaizer Chiefs khona, kuzobe kungekho umdlali wasemuva kwesokunxele uBradley Cross.
Lesi sitobha sikhishwe ngekhadi elibomvu bebhekene nePirates emdlalweni weligi ngempelasonto edlule ngemuva kokuthola amabili aphuzi.
Ukungabi khona kukaCross kusho ukuthi umqeqeshi, uNasreddine Nabi kuzomele alihlele kabusha futhi iqembu lakhe emuva.
Kuzothatha amehlo ukuthi uNabi uzofaka bani endaweni kaCross. Ebhentshini ngesonto elidlule bekukhona uHappy Mashiane.
Kungenzeka ke uNabi afake yena kule ndawo. Nokho okunye angakwenza wukuthi abuyisele u-Edmilson Dove kwesokunxele.
Lokhu engakwenza ngoba u-Inacio Miguel obelimele usebuyile eqenjini futhi ukulungele ukudlala.
Yena noZitha Kwinika bengadlala emuva maphakathi, bese uDove aye kwesokunxele.
Ezinye izindaba ezinhle kuNabi wukuthi noThabo Cele useluleme ngokugcwele futhi ukulungele ukudlala kulo mdlalo obhekwe ngabomvu.
Ngaphezu kwalokho, nomgadli wakhe othembisayo uWandile Duba usesiqedile isigwebo sakhe sokumiswa futhi ukulungele ukudlala.
UDuba wathola ikhadi eliphuzi lesine behlulwa yiMarumo Gallants, angakakwazi ukudlala ngempelasonto edlule ngoba emisiwe.
Empeleni nje, ngaphandle kwabalimele, womabili lamaqembu ahlome aphelele njengoba kunguye uCross kuphela umdlali oisiwe.
