EzintshaKaizer Chiefs

UMaponyane usola iChiefs ngabaqeqeshi – uhlwaya ikhono eKZN

Udaba ngu-Alfred Ngubane

UKhalil Ben Youssef noCedric Kaze bafike bangamaphini kaNasreddine Nabi kuleli qembu ekuqaleni kwesizini edlule.

Sebenikezwe umsebenzi wokuhola Amakhosi kuze kuphele isizini kulandela ukuxoshwa kukaNabi. 

“Angibaboni oKhalil Ben Youssef noCedric Kaze baletha ushintsho kwiKaizer Chiefs,” kusho uMaponyana iLisenethini engxoxweni ekhethekile. 

“Lelo qembu lidinga umqeqeshi osezingeni eliphezulu.” Nokho ukholwa ukuthi abaphathi beKaizer Chiefs bathathe isinqumo esifanele ngokuhlukana noNabi. 

“Ngicabanga ukuthi bacabange ngokucophelela ngaphambi kokwenza lolo shintsho,” kuqhuba uMaponyane.

UMaponyana ukhombe uManqoba Mngqithi njengomqeqeshi ongakwazi ukulungisa isimo eNaturena, abuyisele le kilabhu lapho kufanele ibe khona. 

“UMngqithi unolwazi olunzulu. IChiefs idinga umuntu ofana naye njengamanje,” kwengeza le nkakha.

Le nkakha eyazakhela igama nakwi-Orlando Pirates izobe iKwaZulu-Natal kule mpelasonto esiya kuyo, kusukela ngo-Okthoba 24 kuya ku-26. 

Izobe izoqhuba uhlelo lwayo lokuhlwaya amakhono entsheni yakulesi sifundazwe njengoba bezobe beseGrosvenor Boys’ High School eThekwini.

Uzobe ehambisana nabaqeqeshi uThabang “Stemmer” Radebe wodumo kwi-Orlando Pirates noDumisani Thusi.

Ikhempu yabo ivulekele kubafana abaneminyaka eyisithupha kuya ku-19, kanti ibiza u-R850 ingane ngayinye. 

Abadlali abavelele bangathola ithuba lokuyohlolwa kwiAll Stars, edlala kwi-ABC Motsepe League eGauteng.

Ngokwesibili uMaponyane ezohlwaya abadlali kulesi sifundazwe njengoba bebeseWestville ngasekuqaleni kwalo nyaka.