
UMngqithi udalule okwamvimba ukujoyina iKaizer Chiefs
Umqeqeshi omusha weYoung Africans (Yanga), uManqoba Mngqithi usedalule ukuthi kungani engazange agcine ejoyine iKaizer Chiefs yize leli qembu lalimfuna.
UMngqithi, osanda kuqokwa njengomqeqeshi wompetha baseTanzania, uthe iChiefs yayimkhombise intshisekelo izikhathi eziningi.
Lo mqeqeshi uveze ukuthi nangemuva kokushiya iMamelodi Sundowns ngo-2024, iChiefs yaphinde yamfuna ngaphambi kokuthi abuyele kwiGolden Arrows.
Ekhuluma kwiRadio 2000, uMngqithi uthe kukhona abantu abavimba amathuba akhe okuqeqesha eNaturena.
“Akuwona amanga ukuthi iChiefs yayinentshisekelo kimi,” kuchaza uMnqgithi.
“Kodwa akuzange kufike esigabeni sokuxoxisana ngemibandela ngoba kukhona umuntu owakuvimba lokho.”
Uthe uyamazi lowo muntu, kodwa akafunanga ukudalula igama lakhe.
“Ngiyamazi umuntu owakuvimba lokho. Anginankinga naye futhi anginagqubu naye,” kuqhuba yena.
“Kodwa kuyiqiniso ukuthi iChiefs ibinentshisekelo kimi. Ngisho nakamuva nje ibiphinde yangifuna.”
U-Manqoba Mngqithi uphinde waveza ukuthi i-Kaizer Chiefs yaqala ukumfuna kudala ngaphambi kokuba ajoyine ithimba labaqeqeshi likaPitso Mosimane kwiMamelodi Sundowns.
- FUNDA NALA | UMofokeng uveza okwamenza wenqaba ukuya phesheya
Uthe wake wabizelwa eNaturena ukuze ayokwethula uhlelo lwakhe lokuqeqesha futhi waxoxa nabaphathi abaphezulu, okubalwa kubo nosihlalo uKaizer Motaung.
Nokho, u-Manqoba Mngqithi uthe akazisoli ngokungayi kwi-Kaizer Chiefs ngoba amathuba omsebenzi akhona kwenye indawo, kanti manje usegxile ekuholeni iYoung Africans.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
