Ezintsha

UKaze ujabule ngoButhelezi ngemuva kokukhombisa ikhono

Umqeqeshi weSekhukhune United, u-Cedric Kaze, usechaze ukuthi kungani enike unozinti omusha u-Melusi Buthelezi ithuba lokudlala yonke imidlalo yeMafori Cup.

UButhelezi usize iSekhukhune yanqoba iMafori Cup ka-2026 ngemuva kokushaya iMagesi FC ngo 1-0 kowamanqamu eSeshego Stadium, ngaphandle kwasePolokwane.

Ngaphambi kwalokho, iBabina Noko beyishaye iPolokwane City ngo 1-0 kowandulela owamanqamu.

Lo nozinti oneminyaka engu-28 udlale yomibili le midlalo, wagcina engangenelwanga yigoli nakowodwa, wasiza iqembu lakhe elisha liphakamise indebe.

UButhelezi ujoyine iSekhukhune emasontweni amabili edlule ngemuva kokuchitha iminyaka emithathu kwi-Orlando Pirates.

Ukushiya kwakhe amaBhakabhaka kwamangaza abaningi njengoba iPirates yayisanda kwelula inkontileka yakhe ngesizini entsha. 

Nokho, isikhathi esiningi ubeyisekela likanozinti wokuqala, uSipho Chaine.

Ekhuluma ngemuva komqhudelwano, u-Cedric Kaze uthe bekubalulekile ukunikeza u-Melusi Buthelezi isikhathi esiningi sokudlala.

“UButhelezi ufike kithi emasontweni amabili edlule. Ngesizini edlule akazange athole isikhathi esiningi sokudlala,” kusho uKaze.

“Bekubalulekile ukumjwayelanisa neqembu ngokushesha, simdlalise nezitobha ezihlukene ukuze akwazi ukuzwana nabo ngaphambi kokuqala kwesizini.

“Yingakho edlale yomibili imidlalo yeMafori Cup. Udlale kahle kakhulu kuyo yomibili.”

Ngemuva kokungangenelwa goli nokuphakamisa indebe yakhe yokuqala neSekhukhune United, uButhelezi uzobe efuna ukuqhubeka nalo mgqigqo njengoba iqembu liqedela amalungiselelo esizini entsha.