
U-Ouaddou uveza okumqedela ubuthongo ngePirates
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, useveze ukukhathazeka anakho ngeqembu lakhe ngemuva kwekhempu yokulungiselela isizini ebiseSpain.
Uthi iyamkhathaza indlela iqembu lakhe elingenelwe ngayo amagoli amaningi ngesikhathi likwilekhempu yalo.
AmaBhakabhaka aqede lolu hambo ngokuhlulwa ngo 1-0 yiNeom FC ngoLwesihlanu.
IPirates iye eSpain nabadlali abangaphezu kuka-30 ngenhloso yokuhlanganisa abadlali abasha, ukunikeza intsha amathuba nokulungiselela isizini entsha.
Leli qembu lizovula isizini yeBetway Premiership ngomdlalo neMilford ngempelasonto ezayo.
Emidlalweni emine eSpain, i-Orlando Pirates ishaye amagoli ayisithupha kodwa yaphinde yangenelwa ayisithupha, okuyinto emkhalisayo u-Abdeslam Ouaddou.
“Ngicabanga ukuthi lonke uhambo lube yimpumelelo ngokwezinto ebesifuna ukuzifeza,” kusho u-Ouaddou.
“Sifike lapha ukuzokwakha ubumbano eqenjini, ukuhlanganisa abadlali abasha nabancane, futhi siqhubeke namalungiselelo esizini.
“Sesiqede isigaba sesithathu sokuzilungiselela, kanti ngesonto elizayo sizongena kwesesine ukuze silungiselele umdlalo wokuqala weligi.”
Uthe abadlali abaningi bathole isikhathi sokudlala futhi sebefinyelele ezingeni elifanele lokuqina emzimbeni.
“Nokho, kukhona into eyodwa engingayithokozelanga,” kuvuma lo mqeqeshi odabuka eMorocco.
“Singenelwe amagoli amaningi kakhulu. Lokho kuyasikhathaza ngoba ngesizini edlule besiqine kakhulu emuva. Kumele sikulungise lokho ngokushesha.”
Yize kunjalo, u-Ouaddou uthi iningi labadlali selikulungele ukuqala isizini.
“Ngaphandle kwaleyo nkinga, abadlali benze kahle kakhulu. Cishe u-75% weqembu usukulungele ukuqala iligi.”
Uthe kusekhona abadlali abasanda kubuya eNdebeni yoMhlaba futhi basakhombisa ukukhathala.
“Kumele sithole ibhalansi phakathi kokubanika isikhathi sokuphumula nokubabuyisela kancane eqenjini ngoba siyabadinga.
“Kodwa uma ngibheka konke, ngiyaneliseka ngalokho esikuzuzile,” kuphetha uOuaddou.
- FUNDA NALA | OwePolokwane uqede ukuqagela ngoMatuludi
U-Abdeslam Ouaddou uzobe enengcindezi yokuqhubeka nokwenza kahle njengoba i-Orlando Pirates inqobe izindebe ezintathu ngesizini yakhe yokuqala.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
