
UMakalakalane ugonyuluka ngokwamxabanisa noJomo Sono
Udaba ngu-Alfred Ngubane
Owayengumdlali wasesiswini weBafana Bafana u-Augustine ‘Mthakathi’ Makalakalane usephumele obala ngokuxabana kwakhe nengwazi ehlonishwayo yebhola laseNingizimu Afrika uJomo Sono.
Laba bobabili basebenza ndawonye kwiJomo Cosmos. UJomo Sono wayengumqeqeshi nomphathi ka-Augustine Makalakalane kwiCosmos ngasekupheleni kweminyaka yawo-1980.
Engxoxweni nabeRadio 2000 kuleli sonto, uMakalakalane udalule ukuthi washiya iCosmos ngoba abadlali babengaholelwa, nokwamenza wayofuna amathuba phesheya.
Ngo-1990, wajoyina i-FC Zürich eSwitzerland, kamuva wadlulela kwiFC Baden ngaphambi kokubuyela kwiZürich.
Ngokusho kuka-Ausgustine Makalakalane, uJomo Sono wabe esefuna imali ayesayinwe ngayo ngesikhathi ethuthela e-Europe — okuyisicelo asichitha.
“Ngazitholela umsebenzi kwiFC Zürich ngokwami, ngakho-ke akukho okwakungixhumanisa noSono lapho,” kusho le nkhakha esineminyaka engu-62 ubudala..
“Namanje, asikhulumisani mina naye. Ngisho noma sihlangana ekheshini elilodwa, akekho ongakhulumisa omunye.
“Ngamphuca iqatha emlonyeni ngesikhathi nginqaba ukumnika imali engangisayinwe ngayo.”
UMakalakalane uphinde wasola uSono ngokuvimbela uThomas ‘Tshintsha’ Madigage ongasekho ngesikhathi efunwa phesheya.
Uthi lo mphathi weCosmos wafuna imali eningi kakhulu emaqenjini ase-Europe ayenentshisekelo yokumsayina.
“UMadigage wayefunwa yiManchester United, iManchester City, neSporting Lisbon ngaleso sikhathi.
“Kodwa izimfuno zikaSono zaziphezulu kakhulu, amaqembu abaleka,” kuqhuba uMakalakalane.
Ngemuva kokuhlala eSwitzerland isikhathi eside, uMakalakalane wabuyela ekhaya ngo-1997 wajoyina iMamelodi Sundowns.
Wasiza leli qembu lanqoba izicoco zeligi ezintathu kulandelana ngaphansi komqeqeshi uTed Dumitru ongasekho emhlabeni.
Kamuva wadlalela iWits University ngaphambi kokuwagaxa emgibeni amakhokho, bese edlulela ekuqeqesheni.
Njengomqeqeshi wasebenza kwiBlack Leopards kwathi ngokuhamba kwesikhathi wasebenza njengomqeqeshi wesikhashana kwiBanyana Banyana.
UMakalakalane uthathwa njengomunye wamavulandlela ebhola laseNingizimu Afrika ngemuva kobandlululo, futhi wayeyingxenye yeqembu lokuqala leBafana Bafana ngo-1992.
FUNDA NALA | Imenenja yabadlali iveza okuxosha awaphesheya kwabePSL
Kamuva wasiza iNingizimu Afrika yaphakamisa iCaf Africa Cup of Nations ngo-1996 ngaphansi kukaClive Barker ongasekho naye.
Kulo mqhudelwano uMakalakalane waduma ngamakhokho akhe amhlophe okuyinto eyayingawajwayele ngalezo zikhathi.
