EzintshaKaizer Chiefs

UNabi usedlulile koweStellies, usebheke imbangi elandelayo

IKaizer Chiefs ishaye iStellenbosch FC ngo 3-1 ngendlela eshukumise cishe iNingizimu Afrika yonke. 

Lokhu kunqoba kwenze iChiefs yakwazi ukungena kweyandulela owamanqamu kwiNedbank Cup, kwagcina namathuba abo okuqeda isomiso sezindebe ephila.

IChiefs ishaye amagoli amabili ngesikhathi esengezwe unompempe, eshaywa ngoPule Mmodi noMfundo Vilakazi. 

UVilakazi uzithole ebhekene nenethi engenamuntu ngemuva kokuthi unozinti weStellenbosch uSage Stephens kade ephushele phambili eyozama inhlanhla beshaya ikhona.

Nokho igoli elisuse umsindo nezinkulumo kulo mdlalo kube yigoli lesibili leKaizer Chiefs, elishaywe uMmodi. 

Umsizi kanompempe uqale waphakamisa iduku lakhe ekhomba ukuthi kunenkinga futhi laphikwa igoli.

Kodwa ngemuva kwengxoxo nonompempe uSikhumbuzo Gasa, isinqumo sijikiwe, walikhomba emlotheni. 

UNasreddine Nabi uzwakalise ukukuthokozela ukunqoba, okwenze baqhubeka nokuba nethemba lokuqeda isomiso sezindebe kwiKaizer Chiefs.

“Kuyiqiniso ukuthi wonke umuntu ujabule kakhulu, abalandeli kulo lonke elaseNingizimu Afrika bajabule,” kusho uNabi. 

“Kodwa sidinga ukubhekana neqiniso futhi sicabange njengeqembu elikhulu. 

“Lona bekuwumdlalo osifakele inselelo enkulu, futhi sidinga ukugxila kolandelayo ukuze sihambe yonke indlela.”

Yize bededele igoli lokulinganisa umdlalo usuyophela, uNasreddine Nabi akazange alilahle ithemba lokuthi iqembu lakhe linganqoba. 

Wenze izinguquko zokuqinisa iqembu, esebeke nokuthi bangase baye esikhathini esengeziwe emqondweni.

“Kudumazile ukudedela igoli, kodwa besazi ukuthi sidlala neqembu eliqinile futhi elinzima,” kwengeza yena. 

“Ngisho nangemva kwegoli, besilokhu sikholelwa ekutheni singabuya futhi bese silungiselele isikhathi esengeziwe.”

UNabi ufake uMduduzi Shabalala noVilakazi ecabanga ngesikhathi esengeziwe, ngethemba lokwengeza umdlandla.

IChiefs manje isibheke owandulela owamanqamu njengoba isaqhubeka nokuzama ukuqeda isomiso sayo seminyaka sezindebe.

Izokwazi imbangi yayo elandelayo ngeSonto ngemuva komdlalo weDurban City neMarumo Gallants uma sekuqhathwa.