
UMahlangu uveza isifiso sengxoxo ejulile noMbuthuma
Ingwazi ye-Orlando Pirates u-Bashin Mahlangu iseveze ukuthi inesifiso sokuhlala phansi noYanela Mbuthuma bake bathi ukuxoxa kancane.
Uthi uneseluleko esikhethekile afisa ukusinika lo mgadli obhekene nengcindezi yabalandeli uqobo.
UMbuthuma usegxekwe kakhulu ngabalandeli bePirates ngemuva kokuhluleka ukusebenzisa amathuba amahle emidlalweni yakamuva.
Lo mgadli oneminyaka engu-24 ubudala nokho uthole ukukhululeka kancane ngeSonto ngesikhathi abalandeli baseThekwini bemkhombisa uthando ngemuva komdlalo.
Bambiza ngegama, wamnikwa isihlalo base behlabelela izingoma bemkhuthaza.
Umqeqeshi wePirates u-Abdeslam Ouaddou naye uke wamvikela kaningi uMbuthuma.
Uthi umsebenzi awenzayo eqenjini ubalulekile, noma engakawashayi amagoli amaningi.
Manje ingwazi yeBucs u-Bashin Mahlangu useveze ukuthi ufuna ukukhuluma ngqo no-Yanela Mbuthuma ukuze amnikeze iseluleko esingamsiza.
Ekhuluma kwiSoccer Beat podcast, uMahlangu uthe ufuna ukuthola ithuba lokuxoxa noMbuthuma, uThalente Mbatha noPatrick Maswanganyi.
“Ngingathanda ukuhlala phansi noMbuthuma sibhekane ubuso nobuso,” kusho uMahlangu.
“Lokho kungenxa yokuthi uMbuthuma akayena neze umdlali omubi.
“Kukhona nje izinto ezenzekayo enkundleni ngesinye isikhathi abanye abantu abangeke bakwazi ukuziqonda.
“Ngakho ngifisa ukuthola ithuba lokukhuluma naye. Empeleni kunabadlali abathathu eqenjini engingathanda ukukhuluma nabo.
“Nguyena uMbuthuma, uMbatha noTito. Kungaba kuhle ukuthola ithuba lokukhuluma nabo ngoba kukhona engifuna ukwabelana nabo ngakho.”
Uthe lokhu afisa ukukuxoxa nabo kungabasiza kwazise naye wake wadlula ezimweni ezinzima ngesikhathi sakhe kwiPirates.
“Ngifuna ukukhuluma nabo njengomuntu owake wadlalela i-Orlando Pirates.
“Mhlawumbe lokhu engifuna ukwabelana nabo ngakho kungabasiza,” kuqhuba yena.
“Ikakhulukazi uMbuthuma. Inhliziyo yami ibuhlungu ngalowo mfana nangalokho abhekene nakho.”
- FUNDA NALA | UKhoza ucacisa eyokubaluleka kukaMato kwiPSL
U-Bashin Mahlangu akazange adalule ukuthi yini ngempela afuna ukuyitshela u-Yanela Mbuthuma nalaba abanye abadlali ababili bePirates.
Kodwa amazwi akhe akhombisa ukuthi ukholwa ukuthi ingxoxo yangasese ingamsiza kakhulu lo mgadli nozakwabo.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
