
Kuvela okubambezele ukubonakala kukaPedersen kwiPirates
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, useveze isizathu esenza umgadli omusha uSebastian Pedersen angabonakali eqenjini kuze kube manje.
Sekuphele cishe inyanga uPedersen emenyezelwe njengomdlali omusha wePirates.
Lokhu kwajabulisa abalandeli, asebeqale ngisho nokujabula ngendlela yokugwedla edunyiswe yiNorway kwiNdebe yoMhlaba.
U-Ouaddou uthi uPedersen usadinga ukufinyelela ezingeni eliphezulu lokuqina komzimba ngaphambi kokuthi aphonswe enkundleni.
“Siyajabula uma sibheka izibalo zakhe emaqenjini adlule futhi sibona ukuthi unalokhu esikudingayo emdlalweni wethu.
“Uma ubheka isizini edlule kwiChampions League, iPirates yakhe amathuba amaningi okushaya amagoli.
“Kodwa izinga lokuwasebenzisa belingelihle, noma ngithi beliphansi,” kusho lo mqeqeshi.
“Besidinga ukuthola isixazululo. Izinhloli zeqembu zibone ukuthi nguyena ongasisiza.
“Okwamanje ujabule ngokujoyina iPirates. Siyakubona ukujabula nokulangazelela kwakhe uma eziqeqesha.”
Uthe nabo njengabaqeqeshi be-Orlando Pirates sebelibonile ikhono futhi bajabule ngo-Sebastian Pedersen kodwa kusenezinto abaziqaphile ngaye.
“Siyabona ukuthi unekhono lokuqedela amathuba,” kuqhuba u-Ouaddou.
“Angidinganga inyanga yonke ukuze ngibone ukuthi ungumshayi wamagoli.
“Manje umbuzo usekutheni akwazi ukusebenzisa khle leli khono lakhe enkundleni.
“Ukuze akhombise kahle ikhono lakhe, kumele aqine ngokwanele emzimbeni. Okwamanje akakafiki ku-100%.
“Umnyango wokuqinisa abadlali usebenza naye ukuqinisekisa ukuthi ukulungele ngokuphelele ukudlala.
“Kukhona nesimo esibalulekile engisiqaphelayo ngoba nami ngake ngabhekana naso.
“Uma uhamba uye endaweni entsha, ezweni elisha, kufuneka isikhathi sokujwayela.
“Kuba khona ingcindezi ngoba kufanele udle ngendlela ehlukile futhi kunezinguquko eziningi ezenzekayo.
“Akukhona nje ngekhono kodwa nangokwengqondo. Sizomnika isikhathi ngoba asifuni ukuzifaka engozini yokuthi alimale.
“Nami njengabalandeli ngiyafuna ukumbona enkundleni, kodwa njengomqeqeshi ngeke ngivele ngimphonse emlilweni ngoba kungenzeka amalangabi amshise.”
- FUNDA NALA | OweDowns ugonyuluka ngoSaleng
Njengoba kucaca ukuthi u-Oouaddou uyacophelela ngo-Sebastian Pedersen, abalandeli be-Orlando Pirates bona ngapha bamagange ukumbona enkundleni.
Phela sebeqalile ukugconwa ngaye ngabanye abalandeli, abathi mhlawumbe kuthengwe ingulube isesakeni nje.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
