AmaZuluEzintsha

UZwane uxwayisa uMaqokolo ngengcindezi ezayo

Umqeqeshi waMaZulu FC, u-Arthur Zwane, usexwayise isihlabani sakhe u-Athini Maqokolo ngesimo asibona ezobhekana naso kule sizini.

Uthi lo mdlali osemncane uzobhekana nengcindezi enkulu kulandela isizini yakhe yokuqala encomekayo.

Lo mdlali oneminyaka engu-21 ubudala wajoyina Usuthu ekuqaleni kwesizini ka-2025/26.

Uqede isizini enamagoli ayisithupha futhi akhe amane kuyo yonke imiqhudelwano.

UMaqokolo uphinde wahlabana ngezindondo ezine kwezokuphela kwesizini kuleli qembu.

Uqokwe njengePlayer of the Season, Most Improved Player, Best Newcomer neBest Forward.

Njengomklomelo wePlayer of the Season, uthole imoto iMitsubishi Outlander Sport entsha sha. Uzoyisebenzisa izinyanga ezintathu.

U-Arthur Zwane usemxwayisile ngokuthi impumelelo iletha umthwalo omkhulu okuyinto u-Athini Maqokolo okumele ayilindele.

Uthi izimbangi, ozakwabo nabanye abantu ebholeni sebezombuka ngendlela ehlukile manje.

“Ngahlala naye phansi, ngamkhumbuza lapho evela khona,” kusho uZwane. 

“Ngamtshela ukuthi akuwona nje umsebenzi weqembu, kodwa nowakhe.

“Ngamtshela ukuthi kumele abheke ikusasa. Inselelo yakhe manje izoba nkulu kunesizini edlule.

“Indlela umdlalo ozoba ngayo, abantu bazombuka ngendlela ehlukile. 

“Izimbangi nozakwabo bazombuka ngendlela ehlukile manje.

“Ngakho-ke umthwalo osemahlombe akhe uzoba mkhulu kakhulu. 

“Kodwa kuzoncika nasendleleni aziphatha ngayo ngaphakathi nangaphandle kwenkundla.”

U-Arthur Zwane ukholwa ukuthi u-Athini Maqokolo unekusasa eliqhakazile uma nje ezoqhubeka nokuzikhandla.

“Kodwa ungumfana omuhle. Uma eqhubeka kanje, uzofika kude. 

“Nathi safinyelela lapho ngoba sasiyizinsizwa eziziphethe kahle,” kwengeza lo mqeqeshi.