
Amalahle abuyele eDundee uNwabali ejoyina iChippa United
Iqembu leBetway Premiership, iChippa United seliqinisekise ukubuya kukanozinti waseNigeria, uStanley Nwabali.
UNwabali ubuyela kwiChilli Boys ezinyangeni eziyisithupha ngemuva kokucela ukukhululwa yileli qembu.
Lo nozinti ubefisa ukuyodlala kwelinye iqembu ukuze athuthukise umsebenzi wakhe, kodwa izinto azihambanga ngendlela abehlele ngayo.
Ngenxa yalokho, u-Stanley Nwabali usebuyele kwi-Chippa Unites, iqembu elamenza waduma ebholeni laseNingizimu Afrika.
IChilli Boys imamukele ngomlayezo omfishane ewubhale ezinkundleni zokuxhumana ngeSonto ebusuku.
“IChippa United Football Club iyakuthokozela ukwamukela uStanley Nwabali obuya isibili kwiChilli Boys,” kubhala le kilabhu.
“Ngemuva kokuchitha isikhathi engekho, uStanley Nwabali usebuyela e-Eastern Cape, futhi siyajabula ukumamukela futhi eqenjini.”
Ukubuya kuka-Stanley Nwabali kulindeleke ukuthi kuqinise i-Chippa United njengoba ilungiselela ukuqala kwesizini entsha yeBetway Premiership.
Njengoba ebuya, uNwabali uzothemba ukuthi uzophinde akwazi ukwenza kahle ukuze aphinde abuyele eqenjini lesizwe laseNigeria.
- FUNDA NALA | Uya phesheya owe-Arrows obehalelwa eGauteng
Ubesekhishiwe kulo ngenxa yokuthi akanayo ikilabhu adlala kuyo. Ubuyele kweChippa ngesikhathi kubhekwe ukuqala kwemidlalo yokuhlungela i-Africa Cup of Nations.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
