EzintshaOrlando Pirates

Kubhekwe uRiveiro ngabe-Orlando Pirates ‘abasengcupheni’

U-Jose Riveiro unabadlali abathathu abayizethenjwa abasengozini embi futhi abazodinga ayiphathe ngokucophelela indaba yabo.

Abadlali abathathu be-Orlando Pirates uRelebohile Mofokeng, uPatrick Maswanganyi noThapelo Xoki bonke basengozini yokuphuthelwa wumdlalo wamanqamu weNedbank Cup.

Uma kwenzeka bethola ikhadi eliphuzi uma sebedlala ne-Arrows kuzokusho ukuthi bazomiswa umdlalo owodwa. 

Bobathathu bahlezi phezu kwamakhadi amathathu aphuzi ngamunye, kanti elesine lisho ukumiswa.

I-Orlando Pirates izohlangana neGolden Arrows eMoses Mabhida Stadium emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesibili ebusuku.

Kuzobe sekuthi ngoMgqibelo, kuyona le nkundla, ibhekane neKaizer Chiefs kowamanqamu weNedbank Cup lapho izodinga khona bonke abadlali bayo abanohlonzo. 

Ivele iya kulo mdlalo we-Arrows kunababili abazobe bengekho ngenxa yakho belu ukumiswa – oNkosinathi Sibisi noThalente Mbatha. 

USibisi wakhishwa ngekhadi elibomvu ngemuva kokuqongelela amakhadi amabili aphuzi emdlalweni weligi bebhekene neSekhukhune United ngesonto eledlule. 

Kube wumdlalo wakhe wokuqala ngesikhathi beshaya iChiefs ngo 2-1 koweligi ngempelasonto edlule. 

UMbatha uthole ikhadi lesine eliphuzi bedlala neChiefs, kanti uzophuthelwa wumdlalo we-Arrows njengoba esemiswe umdlalo owodwa.

Kodwa okungenani laba bobabili bazobe sebekhona emdlalweni weChiefs ngoMgqibelo, futhi lokhu kuzoletah umfutho omkhulu kumaBhakabhaka. 

Lokhu kufanele ukumphathisa ngekhanda u-Jose Riveiro njengoba umdlalo we-Arrows ubalulekile kwi-Orlando Pirates esemjahweni wesicoco seligi.

Kudingeka ithole amaphuzu aphelele ukuze igcine igebe phakathi kwayo neMamelodi Sundowns ezihola phambili lingelikhulu kakhulu. 

U-Jose Riveiro angase aphoqeleke ukuthi alihlele kabusha iqembu lakhe le-Orlando Pirates.

Nokho lokhu kungambeka engcupheni yokungawatholi amaphuzu aphelele okungaba yinhlekelele ekugcineni.