AmaZuluEzintsha

U-Arthur Zwane ukhale ngonompempe abangaphezi ngamaphutha

Lo mqeqeshi waMaZulu ukhale wazithulisa njengoba ethi ezakhe zibanjwe ngophondo zidlala ngokulingana nePolokwane City.

AmaZulu ka-Arthur Zwane abambane ngo 1-1 nePolokwane emdlalweni weBetway Premiership eKing Zwelithini Stadium ngoLwesihlanu ebusuku. 

Usuthu luwuqale kahle lo mdlalo, lwashaya igoli ngomzuzu wesikhombisa ngonyawo lukaTebogo Mashigo.

Lo mdlali osemncane udle ibhola engaphandle kancane kwebhokisi lePolokwane, wabe esesondela qede wadedela ishodi, lakhala enethini.

Kodwa esiwombeni sesibili iPolokwane ibekelwe iphenathi okuyiyo uLebohang Nkaki ayinamathisele enethini, waqeda injabulo eMlazi.

“Besifanelwe okungcono, futhi ngingakutshela nje manje ukuthi bekungeyona iphenathi leyana,” kusho uZwane.

“Ngokucacile nje, bekungeyona iphenathi. Kodwa ke ngenye yezinto ezenzekayo, onompempe nabo bangabanu.

“Kodwa kwesinye isikhathi kuzomele bakuqonde ukuthi babalimaza kangakanani abanye abantu ngoba bengalahlekelwa imisebenzi yabo.

“Asikwazi ukuthi silokhu siqonda ukuthi amaphutha kusukela isizini iqala kuze kube manje.

“Kodwa ke singathini, yizinto ezenzekayo. Ngizoncoma nePolokwane ngokulwa kanzima.

“Basebenze kahle futhi basifana ingcindezi kwaze kwadingeka siqinise esiswini ukuze sikwazi ukubavimba bengaqhamuki phakathi nendawo…

“Ya, singenelwe yileliya goli, kodwa ngisakholwa wukuthi besifanelwe okungcono. Sishaye ipali esikhathini esengezwe unompempe. 

“Sibe nawo namanye amathuba amahle esiwatholile, kodwa siphinde sadicilelwa phansi yizinqumo zethu,” kuphetha uZwane. 

U-Arthur Zwane uzoba nekhefu elide lokulungisa akubona kungahambi kahle eqenjini lakhe njengoba sebeyoze babuyele enkundleni ngoMeyi 24.